Imiphakathi ivale izipaza zabaphuma emazweni angaphandle 

Lubhalwe nguNdivhuwo Mukwevho

Imiphakathi eminingi yasezigodini zasemakhaya e-Vhembe, e-Limpopo, ivale izipaza zabaphuma emazweni angaphandle, isola abanikazi bazo ngokudayisa ukudla okunegciwane, okunobuthi kanye nosekuphelelwe isikhathi.

Lokhu kulandela izigameko eziningi zokugula kwezingane ngemuva kwezinsolo zokuthi bezidla ama-snacks, amaswidi namabhisikidi ezikuthenga ezitolo emiphakathini yazo.

Abanye abanikazi bezitolo abaphuma emazweni angaphandle bathe basabela izimpilo zabo futhi bayazibuza ukuthi kungani osomabhizinisi bendawo bona bevunyelwa ukuqhubeka nokusebenza yize bedayisa impahla efanayo.

UMohammed Hassan, usomabhizinisi wase-Somalia, utshele i-Scrolla.Africa ngokukhungatheka kwakhe.

“Sekuphele iminyaka eyishumi ngisebenza esitolo sami esikhulu engisiqashile, akekho oseke wagula ngenxa yokudla imikhiqizo engiyidayisayo,” usho kanje.

“Angiqondi ukuthi kungani abanye abantu manje bethi angiyeke ukudayisa esitolo sami ngibe ngidayisa ukudla okuphephile ukuthi kungadliwa.”

Isitolo sikaHassan esisesigodini sase-Tshiulungoma, ngase-Thohoyandou, sivaliwe kusukela ngeSonto kusihlwa ngemuva kokuba abaholi bomphakathi bamtshele ukuthi angasivuli kuze kube uyatshelwa ukuthi asivule.

“NgoLwesihlanu kuleli sonto, kumele ngikhokhe imali yerenti, kodwa ngizokhokha kanjani ekubeni ngingakwazi ukudayisa lutho manje? Lokhu akulungile,” kusho yena.

U-Abdul Nair, oneminyaka emibili eqashe isitolo esigodini sase-Mphego, uthe usabela impilo yakhe.

“Angizange ngikwazi ukusebenza kusukela ngeSonto. 

Kungicindezela kakhulu njengoba nami ngihlala ngaphakathi esitolo, ngakho ngihlezi nginovalo lokuhlaselwa abaphangi nezigebengu.”

UNair uthe akakaze adayise noma yikuphi ukudla okugulisa umuntu. “Ngiyazithanda izingane futhi angikwazi ukwenza noma ukuthengisa noma yini engagulisa noma ubani.”

UMashudu Nemusunda, isakhamuzi esigodini sase-Tshilungoma, uthe: “Izitolo zabaphuma emazweni angaphandle nezabantu bakuleli zidayisa izinto ezifanayo, kodwa kungani ezinye zivunyelwe ukusebenza, ezinye ziphoqeleka ukuthi zivalwe? Laba bantu bathenga isitoko sabo endaweni efanayo, futhi uma bevala esisodwa, kufanele bazivale zonke.”

Kuze kube manje, umfana (13) wasesigodini sase-Khubvi ngase-Thohoyandou ushonile ngemuva kwezinsolo zokuthi udle amaswidi awathenge esitolo sabaphuma emazweni angaphandle.

UNemusunda usola uhulumeni ngokungavikeli izingane nomphakathi kubantu abadayisa ukudla okungcolile.

“Lokhu akukusha; abantu bakhala ngenkinga efanayo nyakenye, kodwa akukho okuke kwenziwa. Nanamuhla isimo asikashintshi kodwa futhi abakenzi lutho,” kusho uNemusunda.

Ividiyo: Abanye abantu bakule ndawo bacekela phansi ukudla ababekuthathe ezitolo zabaphuma emazweni angaphandle.

Umthombo wevidiyo: Ithunyelwe

Esithombeni esingenhla: Nakuba amabhizinisi amaningi aphethwe ngabangaphandle ehlala evaliwe ezigodini zase-Vhembe, basebenza njengenjwayelo labo abadayisa eduze nenxanxathela yezitolo yase-Thohoyandou.

Umthombo wesithombe: Ndivhuwo Mukwevho

Izihloko zakamuva