Imiphakathi isiduna amaloli amanzi

Celani Sikhakhane

Ukuntuleka kwamanzi esifundeni sasoThukela KwaZulu-Natal sekuholele ekutheni abashayeli bamaloli amanzi bahlaselwe abantu.

Kubikwa ukuthi amalungu omphakathi aduna amaloli amanzi bese entshontsha amanzi.

NgoMgqibelo umshayeli weloli uMnu Bhekithemba Majola kanye nomsizi wakhe uMnu Sifiso Mtshali baye bahlaselwa bajikijelwa ngamatshe eMhlumayo kwaJindi ngesikhathi behambisa amanzi kwenye indawo.

UMajola utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ube nenhlanhla ukuthi asinde kulesi sigameko.

“Bekuyisigameko esithusayo engingeke ngisikhohlwe maduze,” esho.

Uthe bebelibangise kwaSomsuka besuka eMnambithi behambisa amanzi ngesikhathi bevinjwa iqulu labantu abebevale umgwaqo esigodini saseMachibini.

“Sishintshe indlela sathatha umgwaqo owubhuqu kodwa basibona basijaha ngetekisi,” kusho uMajola.

Uthe bavinjwe yiqulu labesifazane abebephethe amabhakede amakhulu angenalutho befuna amanzi.

“Laba besifazane bebefuna ukuthi sibanikeze amanzi futhi siye sabanika. Ngesikhathi sibathelela amanzi kuqhamuke elinye iqulu lasihlasela. Balimaze iwindi leloli ngamatshe, basixosha elolini ngaphambi kokuthatha amanzi,” esho.

Abashayeli abazange bafike kwaSomsuka futhi manje sebesaba ukuhambisa amanzi noma yikuphi njengoba sebeyizisulu zemiphakathi ekhungathekile.

Umholi womphakathi uMthokozisi Sithole, weNhlangano iSiyayijikalento uthe abahlaseli baduna amaloli amanzi bese bentshontsha namanzi ukuze bawadayise.

Uthe kudingeka ukungenelela ngokushesha. USihlalo wophiko lwaManzi nokuThuthwa kweNdle esifundeni sasoThukela uMnu Mthokozisi Khoza, uthe bayazazi lezi zigameko wathi lezi yizigebengu hhayi amalungu omphakathi.

Uthe bahlela ukuvula amacala emaphoyiseni.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Thenjiwe Ngcobo uthe amaphoyisa aphenya icala lokushaya nokucekelwa phansi kwempahla.

Sekuphele iminyaka emihlanu inkinga yamanzi iqhubeka oThukela. Izinsiza zamanzi bezilokhu zingafinyeleli kubantu kanti ngoNtulikazi kulo nyaka i-SA Human Rights Commission icele ukuthi kuphenywe ngokuntuleka kwamanzi.

Izihloko zakamuva