Imiphakathi ikhethe utshwala esikhundleni sokuvota

Celani Sikhakhane

Ngemuva kwemikhankaso enzima evela emaqenjini ahlukene ezepolitiki enxenxa imiphakathi ukuthi ivote, iningi labantu bagqokele ukuya amathaveni kunokuya ezikhungweni zokuvota ngoMsombuluko.

Lesi ngesinye sezizathu zokungabibikho kwabantu ezikhungweni zokuvota eziningi esifundeni iKing Cetshwayo, lapho izikhungo eziningi zokuvota bezingasebenzi isikhathi eside osukwini.

Iningi lalabo abebengekho ezindaweni zokucima ukoma bakhethe ukusebenzisa leli holidi lomphakathi ukwenza imisebenzi yasendlini, abanye baye ezindaweni zokugeza izimoto ukuze bahlanze izimoto zabo.

E-Melmoth ngaphansi kukamasipala wendawo uMlalazi, okuyisiteshi sokuvota esikwenye yezindawo ezimatasatasa, bangama-80 kuphela abantu abavotile yize kubhalise abantu abangama-480.

Iningi labantu belicula ngenjabulo emashibhini ahlukene ngezithuba zehora lesihlanu ntambama kanti abanye batshele ithimba le-Scrollla.Africa ukuthi bazovota ngokuhamba kwesikhathi.

Umholi womphakathi wesiteshi sokuvota eNdundulu ngaphansi kweSigodlo sesizwe saseNtembeni, uNkosinathi Ndlela, utshele i-Scroll.Africa ukuthi utshwala yibona obuphazamisa kakhulu endaweni yabo.

“Uma abantu sebedakiwe bazoqala ukuba nodlame bengakwazi ukubekezelelana ngokwepolitiki, sinenkinga njengoba ubona lapha, angazi noma bazokwazi yini ukuvota ngendlela ngoba abasekho ezingqondweni zabo,” kusho uNdlela.

Kwesinye isikhungo sokuvota eMlalazi, isikhulu se-IEC sizwakalise ukukhathazeka ngokudlanga kotshwala ngalolu suku.

“Abanye abavoti abalawuleki futhi uyabona ukuthi kukhona abaholi bamaqembu ezepolitiki abanikela ngotshwala kulaba bantu. Inkinga baqala ukungaziphathi kahle,” kusho lesi sikhulu esingathandanga ukudalulwa.

Emgwaqeni u-R66 obheke oLundi nase-Vryheid kusifunda iZululand abantu bebeshayela budedengu bephethe utshwala ezandleni.

OLundi iziteshi eziningi zokuvota bezinenkinga efanayo yabavoti abebedakwe ngokweqile.

Isiteshi sokuvota eNkonjeni, eMahlabathini, lapho okuvote khona owayengumholi we-IFP, uMntwana uMangosuthu Buthelezi, sibe nemiphumela emihle ngokusho kwezikhulu ze-IEC.

Izihloko zakamuva