
Moyahabo Mabeba
Kwaba nenjabulo ngesikhathi uMasipala wase-Mogalakwena e-Limpopo uthembisa ukwakha inxanxathela yezitolo i-Kwena Mall eyayizodla u-R1 billion ngo-2019.
Lokhu kwenza izakhamizi zalindela ukusimama komnotho nokudaleka kwamathuba emisebenzi.
Kodwa ngemuva kweminyaka emithathu kwenziwa isimemezele asikho nesisodwa isitini esisabekiwe.
Inxanxathela yezitolo esezingeni eliphezulu bekumele yakhiwe eduze komgwaqo u-R101, indawo okufinyeleleka kalula kuyo kulabo abahamba ngezinyawo nabashayeli bezimoto namatekisi.
Ememezela ngokwakhiwa kwenxanxathela yezitolo, lowo owayeyiMeya u-Andrina Matsemela wathi ukwakhiwa kuzoqala ngaphambi kukaMandulo ngonyaka ka-2019 futhi kuzophothulwa ngekota yokugcina yonyaka ka-2020.
“Ngeke sibe khona isidingo sokuthi abantu base-Mokopane bahambe baye enxanxatheleni yezitolo i-Polokwane’s Mall of the North, i-Menlyn eTshwane noma e-Mall of Africa eMidrand,” kuthembisa uMatsemela ngaleso sikhathi.
“Ukwakhiwa kwale nxanxathela yezitolo kuzoletha amathuba emisebenzi amatoho kanye nemisebenzi ezobaphilisa isikhathi eside futhi kuzothuthukisa nomnotho.” Kusho yena.
UMasipala waqhubeka nokukhipha umbiko kwabezindaba wabamema ukuthi bazothwebula izithombe lapho kuzokwakhiwa khona inxanxathela yezitolo.
Usomabhizinisi uMnu uThabo Molaudzi we-O Thabile Ntshebele phrojekthi uthe sebeqalile babuza imibuzo kodwa akekho obanika izimpendulo.
“Lesi simemezelo saletha inhlansi yethemba ngesimo somnotho esibi. Injabulo yayinkulu. Besazi ukuthi ukwakhiwa kwenxanxathela yezitolo enkulu kangaka kuzobandakanya izinkampani ezimbalwa futhi abantu abaningi bazohlomula kodwa akukho nokukodwa osekwenzekile. Benza kanje vele e-Mogalakwena.”
Usomabhizinisi u-Antoinette Langa uthe ziningi izinto ezenziwa inkampani yakhe kwezokwakha kanti ukwakhiwa kwenxanxathela yezitolo enkulu kangaka bekuzoba usizo kuye.
“Benginethemba yokuthola inkontileka yokufaka ugesi noma yokufaka amapayipi amanzi kodwa manje lelo phupho selishabalele,” kusho uLanga.
Okhulumela uMasipala, uMalesela Selokela ukuqinisekisile ukuthi uMasipala wathembisa ukwakha le nxanxathela yezitolo.
“Kodwa kuze kube manje asikaqali ukwakha. Sibambe iqhaza ezinhlelweni zangaphakathi zokuqinisekisa ukuthi inxanxathela yezitolo iyakhiwa,” kusho uSelokela.
“Okwamanje angikwazi ukunikeza usuku oluqondile lokuqala ukwakhiwa.”