IMINYAKA EMIBILI ETENDENI

Lungani Zungu

Ngemuva kweminyaka engaphezu kwemibili behlala etendeni likahulumeni, babalelwa kwabayi-120 abahlali baseMlazi abatshelwe ukuthi bazothuthelwa kwezinye izakhiwo ezingolindela.

Abahlali, okubalwa kubo nezingane, bezinethemba lokuthi uMasipala weTheku uzokwakha kabusha izindlu zabo ezacekelwa phansi yizikhukhula ngowezi-2019.

Selokhu umkhukhu wodaka onamagumbi amabili kaNtombenhle Ntendeni wakhukhulwa yizikhukhula, usehlale nezingane zakhe ezintathu etendeni elalakhiwe ngaphandle kwehostela lase-Tehuis eduze nenxanxathela yezitolo e-Mega City esigcemeni sakwa-V eMlazi

“Ngiyajabula ukuthi ngiyaphila. Abantu abaningi balahlekelwe abathandekayo babo ngesikhathi sezikhukhula,” uyasho.

“Kodwa angifuni ukuya ekhempini yezokuthutha. Ngeke siphinde sibe nendawo esizoyibiza ngekhaya,” kusho uNtendeni etshela abakwa-Scrolla.Africa.

Itende lihlukaniswe ngezigaba ezimbili, esabesilisa nesabesifazane. Uma begeza, kufanele babheke phandle ukuthi awekho yini amehlo alunguzayo.

“Asinawo amanzi agelezayo, futhi azikho nezindawo zokugeza. Akukho ukuqhelelana komphakathi,” uyasho.

“Sizwa kuthiwa umasipala watshelwa ngathi, kodwa akekho oke wasilalela. Akekho onendaba.”

Esinye isakhamuzi sithe uhulumeni we-ANC uzikhathalela yena kuphela. Uthe uhulumeni uthembise ukubakhela izindlu ngesikhathi izikhukhula zihlasela elokishini.

“Sifuna uhulumeni asakhele izindlu hhayi ukusibeka ekhempini yezokuthutha,” uyasho.

UVanessa Burger, osize izisulu, uthe kuyaqondakala ukuthi bethukile.

“Kungani umasipala ubukeka ubeke phambili ukwakhiwa kwamakhempu amasha ezokuthutha esikhundleni sezindlu eziyohlala zikhona njalo?”

Izihloko zakamuva