Iminjunju emndenini ongenelwe izigebengu

Elmon Tshikhudo

Iminyaka yonke uPhanuel Magogona usebenza kanzima ukuze athole ibhonasi yonyaka ngoMbasa. Kodwa kulo nyaka wenze iphutha elibi lokwazisa izindaba zakhe ezinhle umngani wakhe ohlukumeze wonke umndeni kaPhanuel ukuze athole lemali. 

NgoLwesihlanu ekuseni ngehora lesibili umndeni uhlaselwe emzini wawo e-Phiphidi ngaphandle kwase-Thohoyandou e-Limpopo. 

UPhanuel oneminyaka engu-56 ushiywe elimele kanzima njengamanje usesimeni esibucayi kanti unkosikazi wakhe uNorah obeneminyaka engu-53 ubulewe kabuhlungu. 

Abazukulu babo bebekhona ngesikhathi behlaselwa. UBlessing oneminyaka eyishumi ubudala usele namanxeba kwathi uGundo Sivhula oneminyaka eyisithupha yena wasinda ngokulambisa.

Indodakazi kaPhanuel noNorah, uBrenda Magogona uthe izigebengu zifike kubo ekuseni zaye seziyagqekeza.

Uthe abazali bakhe bavuswe umsindo abawuzwe ekhishini ngesikhathi bezama ukuthola ukuthi kwenzakalani kanti bahlaselwa izigebengu ebezifuna imali.

“Kuyacaca ukuthi ubaba waxoxela omunye asondelene naye kakhulu izindaba ezimnandi,” kusho indodakazi yabo.

“Ungumuntu ongenabo abangani abaningi ngakho-ke umuntu owayazi ukuthi kunemali ngumuntu osondelene naye kakhulu.”

UBrenda uthe lezi zigebengu zigqekeze indlu kanye nenye yezimoto zifuna imali.

“Ngigcina ukubona abazali bami ngoLwesine e-Thohoyandou umama wangitshela ukuthi uno-R5 000,” kuchaza indodakazi.

“Izigebengu bezazi kahle ukuthi zifunani indlela izinto ebezibheke phezulu ngakhona kuyacaca ukuthi bezazi ukuthi kunemali endlini.”

UBrenda uthe abazali bakhe bangabantu abalungile abasiza noma ikuphi lapho kudingeka khona usizo, kodwa ngesikhathi behlaselwa bekhala becela usizo akufikanga ngisho umakhelwane oyedwa.

UPhanuel ulwela impilo yakhe egunjini labagula kakhulu esibhedlela sendawo. Umndeni uthe awunaso isiqiniseko sokuthi uzosinda yini.

“Sizizwa siduduzekile ngokwesekwa esikutholayo kanti okwenzekile konke sikushiyele ezandleni zikaNkulunkulu siyathemba ukuthi abasolwa bazotholakala bajeze,” kusho indodakazi. 

Amaphoyisa endawo akuqinisekisile ukuthi bavule amacala okubulala nelokuzama ukubulala.

Banxuse bonke abanolwazi olungasiza amaphoyisa ukuthi bathinte uSeargent uThabo Malapela kule nombolo-0608528283 nokaputeni uRasilingwana Mawela ku-0824147763.

Scrolla World Cup Quiz