
Mayahabo Mabeba
Ekhala izinyembezi, umshushisi wombuso uTrott Mphahlele uthe kunezinto eziningi asezibonile azesabekayo empilweni yakhe, kodwa lokhu kungaphezu kwamandla akhe.
“Ngiyazibuza ukuthi kazi kwakutheni emqondweni wakhe ngenkathi enza lobu bugebengu,” kusho uMphahlele, njengoba u-Aubrey Manaka enikeza imininingwane yokuthi wambulala kanjani uPrecious Ramabulana.
UManaka uvumile ukuthi uRamabulana wamdlwengula futhi wambulala.
“Lo mlisa ufanelwe isigwebo esinzima kunalokhu akwenzile,” kusho uMphahlele.
“Lokhu kumele kube yisifundo kwabasazodlwengula nababulali.”
NgoLwesine, iJaji uFrancis Kganyago eNkantolo eNkulu yase-Limpopo e-Polokwane uhlehlise izingxoxo kafushane, njengoba uMphahlele kanye noMashudu Malabi-Dzangi okhulumela i-NPA esfundazweni bekhale inyembezi.
UManaka ulivumile icala lokungena egumbini likaRamabulana mhla zingama-24 kuLwezi ngowezi-2014 esigodini sase-Mokomene e-Botlokwa.
Umbiko wokuhlolwa kwesidumbu uqinisekise ukuthi uManaka wagwaza nguRamabulana amahlandla angama-90 esewonke.
UManaka uthe ngemuva kokungena egumbini lakhe balwisana kwathi ngemuva kokumhlula ngamandla wamgwaza amahlandla amaningi.
“Ngibe sengilala naye ngemuva kwalokho, ngaphinde ngamgwaza ngenhloso yokumbulala ukuze angangiboni.”
Ubabekazi kaPrecious, uMavis Setholimela, ekuqaleni ubezimisele ngokuxolela uManaka, kodwa usewushintshile umqondo wakhe.
“Ubulale ngonya umuntu ongenacala futhi isenzo sakhe esitatimendeni siqinisekisa ukuthi uyaziqhenya ngakwenzile,” esho.
“UPrecious ubengumuntu olungile obekungafanele ukuthi abulawe, ingasaphathwa eyokuthi ubulawe ngesihluku. UManaka usiphuce umphefumulo oyigugu.”
UManaka kulindeleke ukuthi agwetshwe ngoLwesihlanu.