
Kusolwa sengathi kukhona okushaya amanzi ngemingcwabo ye-covid-19 eyimfihlo kwelase-Tanzania
Amavidiyo amaningana lapho okungcwatshwa khona abantu ebusuku e-Tanzania okwabelwanwa ngawo ezinkundleni zokuxhuma asenze abaningi bakholwe ukuthi uhulumeni ufihla isibalo sabantu abashona ngenxa ye-covid-19 ezweni.
Lamavidiyo akhombisa imingcwabo enabantu abagqoke izimpahla zokuzivikela kanye nabambalwa abalilayo.
Izwe labike ukuthi kunabantu abangama-509 abathelelekile kanye nabangama-21 asebendele kobabomkhulu mhla ziyi-14 kuNhlaba, ngemuva kwalokho umbiko awubange usaqhubeka.
E-Tanzania ayikho imigomo eqinile yomvalelo. Umengameli uMagufuli ucebise abantu ukuthi baye emasontweni ukuze basinde. “Angeke iphile emzimbeni kaKhristu. Izosha ngokuphazima kweso,” ushilo.
UNgqongqoshe wezempilo uthi lemingcwabo yase busuku ayisaqhubeki.
“Uhulumeni ufihla isibalo sabantu asebendele kobabomkhulu, lokhu kufakazelwa ngamaphesenti ayi-100. Ukuthi bangaki(abafihlwayo) kunzima kakhulu ukusho,” ilungu leqembu eliphikisayo ephalamande uZitto Kabwe utshele abezindaba i-AI Jazeera.