Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Umasipala wase-George uthi udonsa kanzima ukuhlonza ezinye zezidumbu ezitholwe emfucumfucwini yebhilidi elibhidlike ezinsukwini eziyisishiyagalombili ezedlule.
Bayisithupha kuphela kubasebenzi abangu-33 abashone ebhilidini elinezitezi ezinhlanu asebehlonzwe yimindeni yabo.
Umasipala wase-George uthe bangu-62 abantu abakhishiwe esizeni, abangu-33 kuqinisekisiwe ukuthi bashonile kwathi abangu-12 bangeniswa esibhedlela.
Abantu abangu-81 bebekuleli bhilidi ngesikhathi libhidlika ku-Victoria Street ngesonto eledlule.
Kwabashonile bangu-27 abesilisa kanti abayisithupha ngabesifazane.
Njengoba isibalo sabashonile silokhu sikhuphuka, umasipala usucele usizo emindenini yezisulu.
“Sicela ngokuphuthumayo imindeni elahlekelwe abathandiweyo bayo ukuba beze e-George Civic Centre ku-York Street. Lokhu kuzokwenza uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ukwazi ukuqoqa imininingwane efanele nehlaba esikhonkosini,” kusho umasipala.
NgeSonto, umasipala ucele abeluleka abahlukumezekile abakhuluma kahle ulimi lwesi-Chewa, isiPutukezi nesiShona ukuthi basize ekubhekaneni nezidingo zempilo yemizwa, yenhlalo kanye neyengqondo yalabo abakhahlanyezwe yilokhu kubhidlika, njengoba kubikwa ukuthi iningi labashonile livela e-Malawi, e-Mozambique nase-Zimbabwe.
NgoLwesibili ekuseni, abeluleka abahlukumezekile kanye namalungu omphakathi wase-Zimbabwe endaweni yase-George/MosselBay bebesendaweni ukuze banikeze usizo lwezengqondo nokuhumusha emindenini elahlakelwe.
Ekhulumela abagilwa base-Zimbabwe uMfundisi Edmore Mayanga uthe inselelo yabo enkulu yimali edingekayo ukuze babuyisele abathandiweyo babo ekhaya.
“Sifuna usizo kunoma yimuphi umuntu ongasisiza – noma iyiphi inkampani yabangcwabi, noma iyiphi inhlangano noma amabhizinisi angasisiza,” usho kanje.
UMayanga uthe imindeni yabokufika ijwayele ukusizana ukuze ibuyisele abathandiweyo bayo asebeshonile kodwa isimo sase-George singaphezu kwamandla abo.
Kuze kube manje, babili kuphela abashonile asebehlonzwe njengabase-Zimbabwe.
Khonamanjalo, ngoMsombuluko, umholi we-Patriotic Alliance, uGayton McKenzie, akakhombisanga kuzwelana nabagilwa bakwamanye amazwe abalahlekelwe izimpilo zabo kule nhlekelele.
UMcKenzie ubhale ezinkundleni zokuxhumana wathi: “Okwenza le nhlekelele ibe buhlungu ukuthi sonke siyazi ukuthi nina [osonkontileka bezakhiwo] aninalwazi ukuthi bangaki abantu abangaphansi kwemfucumfucu ngenxa yokuqasha abantu bokufika abangenazo izimvume.”
Uqhube wathi bahlangane nabantu bendawo, ababatshele ukuthi usonkontileka uthathe abantu abebeseceleni komgwaqo.
“Alikho irejista labasebenzi ngoba bathathe abantu eceleni komgwaqo bayosebenza ekwakheni. Abawazi amagama alabo bantu,” usho kanje.
Esithombeni esingenhla: Odokotela be-Forensic endaweni yesigameko sokubhidlika kwebhilidi ku-Victoria Street, e-George.
Umthombo wesithombe: George Municipality