Lungani Zungu noCelani Sikhakhane
Imindeni yabantu abangama-36 ababulawa e-Phonix ngesikhathi sokuzitapela ezitolo ngoNtulikazi sebegxeke iqembu le-DA, balibiza njengeqembu elingacabangi, elinenzondo kanye nenkohliso.
Iqembu le-DA lithole ukugxekwa ngemuva kokufaka izingqwembe endaweni yase-Phoenix, eThekwini, njengoba udaba lokuhlukunyezwa ngokobuhlanga lusavutha kusukela ngoNtulilazi.
Izingqwembe zifundeka kanje: “ iqembu le-ANC linibiza ngabacwasi bohlanga,” kodwa i-DA inibiza ngamaqhawe”.
Udinwe ugane unwabu umndeni kaDelani Khumalo, owayengumdansi waphesheya oqhamuka KwaMashu, owashiswa washona e-Phoenix.
“Lokhu kusho ukuthi iqembu le-DA alibazi ubuhlungu esidlula kubo njengemndeni eyalahlekelwa amalungu abulawa e-Phoenix,” kusho umzala kaKhumalo uThabo Mkhize. “
Amathambo kaDelani owayeneminyaka engama-41 bawathola emakhazeni ase-Phoenix ngoNtulikazi ngemuva kodweshu lokuzitapela ezitolo KwaZulu-Natali kanye nase-Gauteng kulandela ukuboshwa kowayenguMengameli uJacob Zuma.
“Lokhu okwenziwa i-DA kufana nokufaka usawoti esilondeni.
Umndeni kaMondli Majola, owayeneminyaka eyi-19 nawo udinwe ugane unwabu.
“Iqembu le-DA shuthi lishayela izandla ababulali. Lokhu okwenziwe i-DA kufana nokungacabangi.”
Izelamani uDylan, uNed Governder, kanye noJeentendra Jaikisoon baboshwa ngokubulala uMajola.
Ividiyo etshengisa ukubulawa kukaMajola ngesihluku yadlalwa enkantolo ngesikhathi abasolwa befake isicelo sebheyili ngesonto eledlule enkantolo yemantshi e-Verulam.
Ividiyo, eyathathwa emzini one-CCTV camera e-Phoenix, iveza ukuthi uMajola wahlaselwa bamshaya ngento ekhanda nasemathangeni.
“Uma ngabe iqembu le-DA libona kunesidingo sokuncoma ababulali, siyababongela,” kusho uSiwela.
Ozongonela ukhetho lwamakhansela eThekwini, uDr Makhosi Khoza, usola i-DA ngokuhlohla udlame phakathi kwamandiya kanye nabamnyama endaweni yase-Phoenix.
“Abamnyama kanye namandiya sebehlalisane iminyaka, kodwa kukhona osopolitiki abanganendaba nokuthuthuka kwabantu. Kunalokho bakhetha ukusebenzisa umkhankaso ukucekela phansi umsebenzi owenziwe amandiya kanye nabamnyama bebambisene,” kusho uDr Khoza.
Umholi we-DA uJohn Steeinhuisem uvikele iqembu lakhe ngezingqwembe ezifakiwe.
“Alukho olubi ngezingqwembe ngoba sincoma abantu abasukuma balwa baqapha isimo e-Phoenix ngesikhathi sokuzitapela kungakhathalekile uhlanga,” kusho uSteeinhuisen etshela abezindaba ngoLwesithathu.
Noma kunjalo, owayesebenzela i-DA uGareth Va Onselen uchaze izingqwembe zokukhankasa ze-DA njengendelelo.
“Indlela izingqwembe zokukhankasa ezibhalwe ngayo asiyibeke eceleni, ngoba akuwenzi umqondo ophusile, njengoba iqembu le-DA linomyalezo wokuthi kumele bagxile, basize – baphinde benze. Kungani ikubukela phansi lokhu, kumele kuchazwe ngokungaphezulu?”