Imindeni inikele ngenkomo nembuzi emfuleni ngemuva kokuminza kwezangoma

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kugwilize abantu abathathu ngesikhathi kuqhubeka usiko emfuleni KwaZulu-Natal, kanti  imindeni inikele ngezilwane izama ukushweleza emfuleni.

Imindeni ikholelwa ukuthi amadlozi abengeneme ngesikhathi sokwenziwa kwalo mkhuba okuholele ekushoneni kwabantu kabuhlungu.

Imindeni emithathu izamile ukudala uxolo ngemuva kokuminza kwesangoma, obeqeqeshwa nomsizi waso ngesikhathi kunomcimbi KwaZulu-Natal.

Imindeni inikele ngenkomo, imbuzi nenkukhu emfuleni iNgwangwane, eMzimkhulu, ngethemba lokuthi uzodedela izidumbu zikaNkk Boniwe Mzamani (30), noSisama Bhunge (20) obeqeqeshwa nomsizi wakhe uSiphelele Dlamini (37).

Ubaba kaBoniwe, uZukisa Mzamane, utshele iScroll.Africa ukuthi imindeni ikholelwa ukuthi amadlozi abengeneme ngesiko langeSonto ekuseni.

“Sizamile ukufaka inkomo emfuleni ukuze noma yini ebathathayo igxile enkomeni ibakhulule, ngebhadi akwenzekanga lutho, sabe sesibeka imbuzi nenkukhu kodwa kwacaca ukuthi lo muntu wasemanzini akasenandaba nalezo zilwane. 

“Isidumbu sendodakazi yami bese sivele siphumile emanzini kanti esikaDlamini nesikaBhunge sisalokhu singaphansi kwamanzi,” kusho uMzamane.

Uthe ngesikhathi indodakazi yakhe yenze imikhuba eminingi yasemfuleni phambilini, imimoya yayibaphikisa ngokungena emanzini ngalolo suku.

Izidumbu zikaDlamini noBhunge zitholwe ngoMsombuluko kwenye ingxenye yomfula.

UMzamane uthe ngemuva kwesiko lomfula, uBhunge ubezophothula ubizo lwakho ngomcimbi wokugcina wokuzihlanza olwandle.

Uyise kaDlamini, uSabelo, uthe bathukile kodwa sebekwamukele ukushona kwendodana yabo.

UDlamini noMzamani bazofihlwa ngoMgqibelo eMzimkhulu.

IMeya kaMasipala wesiFunda iHarry Gwala, uMnuz Zamo Nxumalo kanye noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana uMfundisi uThulasizwe Buthelezi bathumele amazwi enduduzo. Baxwayise abantu ngokungena emifuleni ngesikhathi kune imvula enamandla egcwala amadamu nemifula.

Esithombeni esingenhla: Umphakathi kanye namalungu omndeni bebelinde ngesineke isangoma kanye nomsizi waso kanye nomsizi wakhe ngemuva kokuminza ngesikhathi kuqhubeka usiko emfuleni waseNgwangweni eMzimkhulu.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva