Imindeni ikhathazekile ngabathandekayo babo abavaleleke eqhweni

Lubhalwe nguEverson Luhanga

Amanye amachweba okungena ezweni avaliwe isikhashana kanti amaphoyisa ase-KZN ahlinzeka usizo oludingekayo kubashayeli ababhajwe yiqhwa kusukela ngoLwesihlanu kusihlwa.

Ukuwa kweqhwa okunamandla kudale isiphithiphithi ezingxenyeni zeKwaZulu-Natal, e-Eastern Cape, e-Free State kanye naseGauteng.

Umzali okhungathekile, uMarichen Du Plessis, ubhale ekhasini lakhe laku-Facebook, ecelela indodana yakhe usizo ebhajwe eqhweni nosana. “Uma kukhona ongasiza indodana yami, umkakhe, kanye nosana olusanda kuzalwa, babhajwe eqhweni, imizuzu engu-26 ukusuka e-Harrismith ku-R74. Badinga usizo ngokushesha nengane. Ngicela ongazisa angithinte.”

Ukusabalala kwemibiko yeqhwa ikakhulukazi KwaZulu-Natal kwenze amaphoyisa aKwaZulu-Natal atshala amalungu azohlinzeka ngosizo nokudla okufudumele kubantu abavaleleke ku-N3 phakathi kwase-Estcourt nase-Mooi River kusukela ngoLwesihlanu.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, abantu abavaleleke eqhweni bahlanganisa namaphoyisa ahlinzeka ngosizo lwezokuphepha kwabanye abantu.

“Abaphathi bamaphoyisa KwaZulu-Natal sebehlanganise ozakwabo kwezamabhizinisi ukuthi balungiselele labo abavaleleke eqhweni elibandayo ngezingubo ezifudumele nokudla.

Yize kunezimo ezingezinhle zokuhamba ngendiza, amaphoyisa nezinhlaka zabatakuli banezimo eziqinile zokuvikela impilo nokuletha izidingo ezibalulekile,” kusho uNetshiunda.

Khonamanjalo, uKhomishana we-Border Management Authority uDkt. Michael Masiapato ukhiphe isaziso kubahambi mayelana nokukhithika okuqhubekayo okwenza izimo zibe yingozi kwezinye izindawo zokungena.

Uma kubhekwa isimo, i-BMA kanye nozakwethu bavale i-Sani Pass, i-Boesmansnek, namachweba ase-Monontsha kuze kube kukhishwa esinye isaziso.

“Lokhu kuqapha kuqinisekisa ukuphepha kwabahambi, izivakashi kanye nezikhulu, njengoba izimo ezikhona manje ziyingozi enkulu,” kusho uDkt. Masiapato. Abantu bangasebenzisa ichweba lase-Ficksburg, i-Caledonspoort, i-Makhaleng, ne-Maseru Ports njengezinye izindlela zokungena e-Lesotho.

Esithombeni esingenhla: Abashayeli bezimoto bebhajwe eqhweni

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva