Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Lo Mfumfu, umakwe njengenyanga yokuqwashisa ngempilo yengqondo, uphinde ulethe ukunaka esidingweni esiphuthumayo sobulungiswa kubagilwa abangu-144 benhlekelele yase-Life Esidimeni.
Cishe eminyakeni eyishumi ngemuva kwalesi sigameko, imindeni yabagilwa iyaqhubeka nokulwela ubulungiswa ngamalungu emindeni yawo ayephila nezimo zempilo yengqondo alahlekelwa izimpilo zawo ngenxa yobudedengu obukhulu.
NgoLwesibili, inqwaba yabantu, okuhlanganisa namalungu imindeni yabagilwa, amashele ebhilidini le-National Prosecuting Authority e-Church Square, ePitoli.
UChristine Nxumalo, osekomitini lamalungu emindeni wezisulu, uthe bahlele imashi ukuze bazwakalise ukuphoxeka kwabo ngendlela leli cala elisingathwe ngayo.
“Sidinga ukuthi i-NPA iqale ngohlelo lokushushiswa kwabathinteka ekufeni kweziguli.
“Asifuni ukulinda eminye iminyaka eyisishiyagalombili,” kusho uNxumalo. “Sekuphele izinyanga ezintathu kwaphuma lesi sinqumo, futhi asikaze sizwe lutho oluvela kwi-NPA.
“Kwafa abantu abagulayo. Ngakho-ke, sidinga ubulungiswa.”
“Sivame ukubashayela ucingo futhi sibathumelele ama-imeyili, kodwa abasiniki mpendulo ecacile. Sibonile ukuthi ngaphandle kwengcindezi, icala ngeke liye ndawo.”
NgoMfumfu ngo-2015, owayenguNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng ngaleso sikhathi u-Qedani Mahlangu waqeda inkontileka phakathi koMnyango wezeMpilo waseGauteng kanye ne-Life Esidimeni, umhlinzeki wezempilo ozimele.
NgoMbasa ngo-2016, uhulumeni wathuthela amakhulu eziguli ezigula ngengqondo ezikhungweni ezingenawo amalayisensi lapho ukunganakwa kanye nokungondleki kwanda khona.
NgoMasingana ngo-2017, umbiko we-Health Ombudsman uSolwazi Malegapuru Makgoba, osihloko sithi-The Life Esidimeni Disaster, waqinisekisa ukuthi iziguli ezingu-144 zashone ngaphansi kwezimo ezinyantisayo kuzo zonke lezi zikhungo ezingenalayisense.
IJaji uDikgang Moseneke waqokwa ukuthi ahole ukulalelwa kwezikhalazo kusukela ngoMfumfu ngo-2017 kuya kuNdasa ngo-2018. Ugxeke ubudedengu bukahulumeni futhi wakhipha umyalelo wokuthi imindeni inxeshezelwe ukuze ibhekane nezindleko zokuhlukumezeka nezomngcwabo.
Ngemuva kweminyaka emine, ngoMbasa ngo-2022, iNkantolo eNkulu yasePitoli yaqala uphenyo ukuze ithole imbangela yokufa kwalaba. Ngemuva kweminyaka emibili, ngoNtulikazi ngo-2024, iJaji uMmonoa Teffo wakhipha isinqumo sokuthi uMahlangu noDkt Makgabo Manamela yibona abanecala ngokufa kweziguli eziyisishiyagalolunye, eqinisekisa iqhaza labo enhlekeleleni eyadlula nemiphefumulo engu-144.
Ngaphandle kwalokhu okutholakele, i-NPA ayikabathatheli oMahlangu noManamela izinyathelo, okushiya imindeni ikhungathekile ngenxa yokungatholi ubulungiswa.
Imindeni icele i-NPA ukuthi isheshise ukuqulwa kwamacala, ishushise lezi zikhulu ezimbili kanye nanoma yibaphi abanye abantu abanecala, futhi inikeze nezibuyekezo zamacala njalo.
Imindeni ebumbene ekufuneni kwayo ubulungiswa, ithumele umyalezo ocacile: “Ubulungisa bubambezelekile.” Bathi i-NPA kumele ithathe isinyathelo manje ukubuyisela ukuzethemba komphakathi futhi yenze umsebenzi wayo kwabahlukumezekile nemindeni yabo.
Esithombeni esingenhla: Inqwaba yabantu imashele emahhovisi e-NPA ePitoli ngoLwesibili.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
