Arthur Greene
Amasosha amaningi ase-Russia abulawa ngokungenasidingo e-Ukraine kanti umbuso manje usufisa kakhulu ukubambelela ekusekeleni umphakathi ngalokhu kuhlasela kangangokuthi bazozama noma yini.
Abatshelwa khona ukuthi uma indodana yakho ibulawa, uzokwazi ukuzithengela imoto entsha ngemali ozokhokhelwa yona njengesinxephezelo.
Isiteshi sikahulumeni i-Russia 1 sikhulume ngodaba lwabashadikazi kuleli sonto abakwazile ukuthenga i-Lada ngemuva kokubulawa kwendodana yabo u-Alexei e-Ukraine.
“Njengoyise kanye nokhokho bakhe ubelwela izwe lakhe,” lo msakazi wezindaba uqamba amanga njengoba sibona isithombe sendodana yabo eduze kukanina ososizini.
Kodwa kungazelelwe indaba iye yashintsha yathi “sikhumbula indodana yethu ngokuthenga imoto enhle entsha,” kusho ubaba etshela intatheli yase-Russia 1.
“I-Lada entsha ithengwe ngalokho abantu abakubiza ngokuthi imali yebhokisi, kodwa ngokusemthethweni iyisamba semali yomndeni kalowo osuke eshonelwe” kuchaza intatheli yezindaba.
“Uyise uthe uphuphe u-Alexei enemoto emhlophe njengale kanti uhambo lwayo lokuqala luya emathuneni.”
Ngokusho kukahulumeni wase-Ukraine sekube nezisulu ezilinganiselwa ku-38,300 zase-Russia selokhu kwaqala ukuhlaselwa ngomhlaka-24 kuNhlolanja.
UMengameli wase-Russia uVladimir Putin umemezele isinxephezelo emindenini yamasosha ashonile ngemuva nje kokuqala kwempi. Ngasekuqaleni kwale nyanga umemezele isinxephezelo sika-5 million ruble emindenini yamasosha ashonile kwi-National Guard lokho okucishe kube ngu-R1.5 million.
Bekuzwakala kungcono, kodwa ngesikhathi i-ruble yehla ngoNdasa ngenxa yokujeziswa kwezwe lonke lase-Russia, imindeni yabashonile kubikwa ukuthi ibisithola imali encane kakhulu.
Ngakho-ke noma sebengakwazi ukuthenga ama-Lada amhlophe ukuze bahloniphe amadodana abo ashonile akumele bakhohlwe ukuthi ezinyangeni ezine ezedlule bebethola imali abebengakwazi ngisho ukuthenga ukudla ngayo.