Imilutha yezidakamizwa namayengandoda bagila imikhuba emathuneni 

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Abantu abadla izidakamizwa nabathengisa ngomzimba bahlanganyela endaweni yokuphumula yabashonile emathuneni ase-Eersterust ukuze bazijabulise ngocansi. 

Izakhamuzi zase ziyamukele imikhuba yokuntshontsha kanye nemikhuba eyenzeka emathuneni yokuzijabulisa ngokocansi, kodwa okubonwe umndeni wakwaJacobs ngesikhathi uyovakashela ithuna likababa wabo angeke bakukhohlwe.

Itshe lethuna likaFrank Jacob belinomdwebo opendwe nge-spray paint kanti indodakazi yakhe uMonique (47) ibithukuthele kakhulu.

Isakhamuzi sase-Eersterus asizange sikukholwe esikubone kudwetshwe  etsheni lethuna likayise.

Uthe emathuneni kugcwele abantu ababhema i-nyaope, owesifazane obesemathuneni umtshele ukuthi ubone ababhemayo besebenzisa i-spray paint.

“Bekungekho ebengingakwenza ngivele ngagoduka ngabuya namanzi nensipho ukuze ngizame ukususa umbhalo.”

“Ukuvula icala noma ukubikela ikhansela bekuzoba ukumosha isikhathi. Ukweba nokugebenga sekudlondlobale isikhathi eside kula mathuna.”

Uthe ngaphandle kwezokuphepha ezifanele emathuneni akukho okuzoshintsha.

“UMasipala wase-Tshwane yiwona onecala. Sekukangaki sicela ukuthi kubiyelwe amathuna ngendlela efanele, ukuze amaphoyisa akwaMasipala akwazi ukubopha futhi akhiphe ababhemayo nabaqwayizi?”

Ikhansela uBenjamin Lawrence ukhuthaze umndeni wakwaJacobs ukuthi uvule icala.

Isithombe esingenhla: Itshe lethuna likababa kaMonique Jacobs ongasekho elidwetshwe umbhalo

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva