Imilutha ye-nyaope isolwa ngokucekela phansi amathuna

Moyahabo Mabeba

Abahlali besigodi sase-Mapoteng e-Ga-Masemola bavuke ngezindaba ezishaqisayo zokuthi kucekelwe phansi indawo yabo yamathuna.

Izinhliziyo zabo zibuhlungu futhi basale nemibuzo engaphenduleki.

Selokhu kwenzeka lesi sigameko esishaqisayo esadala ukuzamazama ngobusuku bangomhla zingama-24 kuLwezi lapho okucekelwe phansi amatshe amathuna angama-50, abaningi bakhomba imilutha ye-nyaope ngeminwe njengoba isigodi sibhekene nenkinga yokusetshenziswa kwezidakamizwa.

USinah Maserumule, oqhele ngamamitha ambalwa ukusuka emathuneni, uthe lesi sigameko sibangele ubuhlungu obukhulu emindenini eminingi.

Uthe: “Imindeni ethintekile isikhala okwesibili. Ngemuva kokwamukela ngokushonelwa abathandiweyo babo, ezinye izigebengu zivele zafika zaphazamisa ukuthula kwabo kwaphakade. Manje siyazibuza ukuthi ubani owenze lokhu nokuthi yini ngempela esuse ulaka olungaka. Lokhu akukaze kwenzeke endaweni esikuyo futhi sithemba ukuthi kuzoba okokugcina.”

UPhahlamohlaka Phaahla uthe itshe likababa wakhe lesikhumbuzo elembulwa ngoMandulo  lingelinye lamathuna acekeleke phansi endaweni yokungcwaba.

Uthe “Sisebenzise izinkulungwane zamarandi emcimbini wokwembulwa kwetshe likababa wethu, kodwa manje selicekeleke phansi asazi ukuthi ubani owenze lobu bugebengu obunyanyekayo kwabangasekho. Umuntu owenze lokhu akasoze abe nokuthula.

UMnu Slucks Mokete, ongumholi womphakathi ohlele umhlangano nemindeni eminingi ethintekile ngoMsombuluko, uthe sebevumelene ngokuvula amacala obugebengu.

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe uyazi ngalesi sigameko, kodwa alikho icala elivuliwe.

Izihloko zakamuva