Imilingo kuphela engasiza i-Kaizer Chiefs ukuwina indebe futhi

Menzi Magubane

I-Kaizer Chiefs idinga umlingo ukuze ikwazi ukuphakamisa indebe kule sizini.

Kumanje lezi zinkunzi sezihlulwe isicoco se-MTN8.

NgoMgqibelo ebusuku baphume kwi-Nedbank Cup emzuliswaneni wokuqala.

Manje i-DStv Premiership ibukeka sengathi ikude kakhulu nezinkunzi zase-Soweto.

I-Chiefs ihlulwe ngo 1-0 iqembu lase-Mpumalanga, i-TS Galaxy, okubukeka kuyiyona ebambe ngakho kulo mqhudelwano. Yaqala emuva ngonyaka ka-2019 ngesikhathi i-Galaxy iseku-National First Division.

Okufake usawoti esilondeni sabo, igoli elishawe u-Augustine Kwem okuqede iphupho laMakhosi lokuphakamisa indebe.

Umlando uziphindile futhi ngoMgqibelo.

Nakanjani umqeqeshi uStuart Baxter kuzomele aphendule kubaphathi be-Chiefs ngokwenzekile.

“Angijabule ngokukhishwa kwindebe. Ngicabanga ukuthi besingenawo umfutho ngesikhathi sonke somdlalo,” echaza engxoxweni yakamuva ekupheleni komdlalo.

“Umfutho ubungekho umdlalo wonke futhi ngesikhathi sidlala kuke kwaba khona izikhathi esidlale ngezinga eliphezulu. Kodwa ukuze uqhubeke nomfutho kanye nohlobo oluthile lwamandla kwindebe kudingeka ukuthi sidlale ngokuzimisela okuyilokho esingakwenzanga.”

I-Chiefs yagcina ukunqoba isicoco ngonyaka ka-2015 ngesikhathi iphakamisa isicoco seligi ngaphansi kukaBaxter. 

Sekuyiminyaka eyisikhombisa benesomiso sendebe – futhi kubukeka sengathi bazophila nokudumala kwabo nakulesizini.

Umthombo wesithombe: @KaizerChiefs

Izihloko zakamuva