Imikhukhu icekelwe phansi ukuze kuthuthukiswe indawo yezindlu

Celani Sikhakhane

Kuqubuke isiphithiphithi ngempelasonto ngesikhathi amalungu omphakathi ephoqeleka ukuthi akhiphe izimpahla zawo njengoba bekucekelwa phansi imijondolo yawo.

Abantu basoLundi enyakatho neKZN sebengene kaningi emhlabeni kamasipala ukuze bakhe amakhaya abo namasonto, okuholele ekutheni kudilizwe imijondolo nguMasipala Wendawo Ondini.

UKhuphuka Mtshali, olahlekelwe ngumjondolo wakhe, uthe bathathe isinqumo sokwakha amakhaya abo ngoba umhlaba wawungenamuntu futhi babedinga ukuhlala kwenye indawo.

“Sinemindeni kodwa asinawo umhlaba,” kusho uMtshali.

“Sabona umhlaba ungenamuntu futhi asizange sicabange ukuthi kuzoba yinkinga uma siwusebenzisa.”

Uthe kuyamlimaza ukudilizwa komjondolo ngoba umjondolo ubuyisakhiwo sesikhashana sokuvikela umhlaba ngesikhathi ehlanganisa imali yokwakha ikhaya elifanele.

IMeya yasoNdini uWilson Ntshangase uthe intuthuko kulo mhlaba isemthethweni ngoba ingaphansi kwegunya labo.

“Abantu bazingenela emhlabaleni kamasipala ngaphandle kokuzama ukuthola iminyango efanele,” kusho yena.

“Kunokudideka ngomhlaba kamasipala kanye nomhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust. Abantu bazingenela emhlabeni kamasipala becabanga ukuthi ngumhlaba weNgonyama Trust, ongaphansi kwaMakhosi endawo”.

Khonamanjalo, izwe lilinde ukuchibiyelwa koMthethosisekelo weSigaba sama-25. Isikhathi esinqunyiwe sokuchitshiyelwa kweSigaba sama-25 esizovumela ukuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, singasekupheleni kukaNhlaba ngowezi-2021.

Izihloko zakamuva