Sehlile isibalo sabantu base-China okokuqala ngqa eminyakeni engu-60.
Kusukela ngo-1961 inani labantu base-China alizange lehle njengoba izinga lokuzalwa kwezingane likazwelonke lalishaya irekhodi eliphansi lezingane ezingu-6.77 kubantu abangu-1000.
Ngokusho kwe-National Bureau of Statistics yase-China, isibalo sabantu nyakenye sasingu-1.41175 uma siqhathaniswa nesingu-1.41260 kulo nyaka okuyisibalo esehle ngo-850,000.
Izinga lokuzalwa kwezingane e-China belilokhu lehla eminyakeni edlule.
Ngo-2016 lo mgomo wachithwa kwabe sekuvunyelwa izithandani ezishadile ukuthi zibe nezingane ezimbili.
Ngesikhathi izwe liqhubeka nokulwa nokuncipha kwesibalo sabantu, izithandani zavunyelwa ukuthi zizale izingane ezintathu kanti iziphathimandla zathi kwakuyinto esibalulekile ekusekeleni ukukhula komnotho wezwe.
Kodwa-ke, izinga lokuzalwa kwezingane nyakenye lehle lisuka ku-7.52 ngo-2021, ngokusho kwe-National Bureau of Statistics yase-China ekhiphe izibalo ngoLwesibili.
Sekuphele iminyaka eminingana uhulumeni wase-China ezama ukugqugquzela abantu ukuthi bathole izingane eziningi ukuze kubambezeleke isimo esibucayi esidalwa ukuguga kwabantu.
Ngokusho kwe-BBC, imiphumela evela ekubalweni kwabantu eyamenyezelwa ngo-2021 yakhombisa ukuthi isibalo sabantu base-China sikhula kancane emashumini eminyaka.
Ungcweti wezomnotho nophinde abe umphathi ophikweni lwe-Economist Intelligence uYue Su, uthe lo mkhuba uzoqhubeka futhi mhlawumbe uzoba mubi kakhulu ngemuva kobhubhane lwe-Covid-19.
“Izinga eliphezulu lentsha engasebenzi kanye nobuthakathaka bokulindela iholo kungase kubambezele umshado kanye nezinhlelo zokwenza izingane. Kwehlisa isibalo sezingane ezisanda kuzalwa,” engeza.
Eminyakekanyekamuva nje uhulumeni wase-China uphinde wanikeza ikhefu lentela kanye nokunakekelwa kwezempilo komama phakathi kwezinye izikhuthazo ukubuyisela emuva noma okungenani ukukhulisa izinga elehlayo lokuzalwa kwezingane.
Luhlanganiswe nguMashudu Mabila
Isithombe Ngenhla: Imigwaqo ephithizelayo yase-China
Umthombo wesithombe: CNN