Imidlalo yesibhakela ishintshe impilo kaSifiso Chili

Linda Ximba

Kunesikhathi lapho uSifiso Chili ayephila impilo yobugebengu ebucayi, kodwa isibhakela saguqula impilo yakhe.

Uzimisele ngokuba ngumpetha wesibhakela waseNingizimu Afrika.

Njengoba ekhulele eGingindlovu enyakatho naKwaZulu-Natali, uChili wazihlanganisa neqembu labangani ababi kakhulu abagqekeza izindlu bantshontshe izimoto.

I-Scrolla.Africa sivakashele uChili, oneminyaka engama-32 eThekwini endaweni yokujima yesibhakela ngesikhathi elungiselela impi yakhe yesibili ezoba se-Lamontville, eThekwini, ngeSonto.

“Ngaboshwa ngonyaka wezi-2010,” kusho uChili.

“Ngagwetshwa iminyaka eyishumi ngadonsa eyisishiyagalombili. Ngikhishwe ngonyaka wezi-2020 eQalakabusha Correctional Centre e-Richards Bay.”

Isibhakela ngasiqala ngesikhathi ngiboshiwe.

“Abaqeqeshi abangongoti besibhakela babesivakashela besitshela ngempilo engcono. Kwangikhuthaza ukuba ngibe umshayisibhakela. Ngifuna ukusebenzisa isibhakela njengethikithi lami lokuphila impilo ehloniphekile,” kusho  uChili. 

“Abazali bami abasekho futhi nginakekela umfowethu omncane nabashana bami.”

Kumdlalo wakhe wokuqala eMgungundlovu, uChili ukhiphe u-Ebengo Blaise wase-DRC kumzuliswano wesibili we-super middleweight emzuliswaneni wesine. Impi yakhe elandelayo eye-cruiserweight lapho azobhekana khona noVomi Shukumbi wase-Nigeria.

“Ukuqeqeshwa kuhambe kahle futhi angisakwazi ukulinda ukuthi ngingene eringini ngibhekane naye. Ngizibekele uhlelo lweminyaka emibili okuthi ngemuva kwalokho ngibambe izicoco zakuleli bese ngiyolwela izicoco zomhlaba,” kusho uChili.

Umqeqeshi wakhe uSizwe Mthembu umchaze njengomuntu obesebenza ngokuzikhandla.

“Uzohamba izindawo. Uhlakaniphile, ungumuntu ogxilile, ozikhuthazayo futhi ungumshayisibhakela onekhono,” kusho uMhembu.

Ompetha abukela kubo uChili bakuleli ngu-Elijah “Tap Tap” Makhathini, uDingaan “Rose of Soweto” kanye noThobela Jacob “Baby Jake” Matlala. Uphinde abheke izihlabani zaseMelika uMike Tyson noDave Hale.

Izihloko zakamuva