Imidlalo ye-Premiership iyaqhubeka noma kuhlasele i-Covid

I-Premier Soccer League (i-PSL) isikiqinisekisile kwabakwa-Scrolla.Africa ukuthi imidlalo ye-DStv Premiership kule mpelasonto izoqhubeka njengoba bekuhleliwe yize abadlali abayi-11 abavela emaqenjini amane ahlukene behlolwe batholakala ukuthi bane-Covid-19.

I-Kaizer Chiefs, i-Mamelodi Sundowns, i-Cape Town City ne-Chippa United bakuqinisekisile ukuthi abanye babadlali babo batholakale benalo leli gciwane.

La maqembu abe nemidlalo yawo phakathi nesonto futhi adlala ngaphandle kwabadlali abanesifo. Labo badlali sebevele babodwa futhi bazoyiphutha imidlalo yale mpelasonto.

Abadlali abadumile abathole leli gciwane ngumdlali wesizini we-PSL neS-undowns uThemba “Mshishi” Zwane nomdlali wasesiswini we-Chiefs uWillard Katsande. Laba bobabili baphuthelwe yinqola ebalulekile yamaqembu abo e-CAF Champions League ngoLwesibili.

I-PSL nokho iqinisekise umphakathi ukuthi imidlalo ye-Premiership kule mpelasonto ayikho engcupheni.

“Imidlalo ye-DStv Premiership ne-GladAfrica Championship iyaqhubeka njengoba beyihlelelwe le mpelasonto,” kusho isikhulu sabazindaba se-PSL uFhatuwani Mpfuni.

Ngempelasonto edlule i-PSL imise umdlalo we-DStv Diski Challenge phakathi kwe-Chiefs naMaZulu ngenxa yokuba sengozini yokutheleleka nge-Covid-19. NgoLwesithathu, i-PSL ikhiphe isitatimende iqinisekisa ukumiswa kwe-Diski Challenge.

Naba bonke abadlali okwamanje abavalelwe bodwa ngenxa ye-Covid-19.

– UWillard Katsande (we-Kaizer Chiefs)

– UThemba Zwane, uPromise Mkhuma, uJordy February, uRicardo Goss noHaashim Domingo (bonke be-Mamelodi Sundowns)

– UThabo Nodada, uMpho Makola noCraig Martin (bonke ngabe-Cape Town City)

– UMlu Mazibuko no-Ismail Watenga (bobabili abe-Chippa United)

Imidlalo yangempelasonto imi kanje

NgoLwesihlanu:

I-Stellenbosch izodlala ne-Black Leopards (e-Danie Craven Stadium, ngo-5pm)

NgoMgqibelo:

I-Baroka izodlala ne-Mamelodi Sundowns (e-Peter Mokaba Stadium, ngo-3pm); i-TS Galaxy izodlala ne-SuperSport United (e-Mbombela Stadium, ngo-3pm); I-Golden Arrows izodlala ne-Chippa United (e-Sugar Ray Xulu Stadium, ngo-3.30pm); I-Tshakhuma FC izodlala ne-Cape Town City (e-Thohoyandou Stadium, ngo-5pm); I-Kaizer Chiefs izodlala ne-Maritzburg United (e-FNB Stadium, ngo-5pm)

NgeSonto:

I-Orlando Pirates izodlala ne-Swallows (e-Orlando Stadium, ngo-3.30pm); i-Bloemfontein Celtic izodlala namaZulu (e-Dr Petrus Molemela Stadium, ngo-3.30pm)

Izihloko zakamuva