
Dylan Bettencourt
Sekuphele iminyaka emibili i-coronavirus yaqala ukuvela futhi yashintsha izimpilo zethu kanti kuze kube inamuhla, ibhola lezinyawo ezwenikazi lonke lase-Afrika lisasimama.
I-Afcon ibuyise ithemba lokuthi umhlaba, ungahlanganiswa ibhola, ubuyele ezikhathini zenjabulo.
Umfutho wabadlali wokudlala enkundleni awuyilutho ngaphandle komsindo wabalandeli. Ezemidlalo azilutho ngaphandle kwabantu abenza kube mnandi enkundleni. Ukuba nabantu enkundleni cishe abangu-80% e-Cameroon isona isizathu esenza imidlalo ikhumbuleke.
Futhi kwakukhona izikhathi eziningi lapho amaqembu eveza amakhono amangalisayo.
I-Equatorial Guinea, ebekwe endaweni ka-114 emhlabeni, ihlule ompetha bangonyaka ka-2019 i-Algeria ngokubakhipha kulo mqhudelwano.
Okwenza lokhu kunqoba kugqame kakhulu futhi ngaphambi kwalo mdlalo, i-Algeria ibingakashaywa emidlalweni engu-35. Kushode ngemidlalo emibili kuphela ukufica irekhodi lomhlaba lase-Italy.
Izwe elincane lase-Comoros linqobe i-Ghana emdlalweni walo wokuqala we-Afcon yakhipha ama-Black Stars, okushiye izigidi zabalandeli bezemidlalo begcwele injabulo.
I-Gambia, okuyiqembu elibekwe endaweni ephansi kulo mqhudelwano, ihlule i-Guinea ne-Tunisia ukuze ifinyelele kuma-quarter-final njengoba lokhu kukhombisa ibhola lamazwe ngamazwe. Abangaphansi ku-Afcon ibona amaqhawe angempela enze lolu hlelo lwagqama.
Amaqembu afana ne-Malawi ne-Sierra Leone okungenzeka ukuthi abekujabulele ukuba se-Cameroon akhombise ukuthi angase asuse umsindo aphendula lomqhudelwano washisa izikhotha futhi anikeze amaqembu amancane ithemba lokuthi nawo anganqoba.
Ekugcineni i-Senegal ne-Egypt zitholane kowamanqamu ngendlela ejwayelekile ye-Afcon yangonyaka ka-2021, njengoba lomdlalo obushisa kakhulu uphele ngokungalindelekile.
I-Egypt ayikaze ihlulwe kumaphenalthi uma ibhekene namazwe ase-Afrika, kodwa okwenzeke enkundleni i-Olembe kuzoba umlando njengoba i-Senegal inqoba isicoco sayo sokuqala se-Afcon.
Kungenzeka ukuthi ubhubhane lwe-Covid-19 lusekude ukuphela, kodwa i-Afcon yangonyaka ka-2021 inikeze bonke abalandeli bebhola base-Afrika inhlansi yethemba lokuthi lo mdlalo abawuthandayo usendleleni ebuyela kwinkazimulo yakudala.
Umthombo wesithombe: @CAF_Online