Ezinohlonze: imidlalo emibili edlalwe e-Twickenham ngezimpelasonto ezimbili ezedlule kungaba yiyo imidlalo evelele onyakeni uwonke, kubhala uLucky Maree.
NgoMgqibelo amaBhokobhoko anqobe emdlalweni wawo e-Twickenham—kanti esontweni ebelandulela leli awazange anqobe. Amaqembu womabili abedlala ne-England. Ngamafuphi lokho kuyinkomba enkulu yokuhle okuzovela kwiNdebe Yomhlaba ezayo.
Emdlalweni obuphakathi kwe-England kanye ne-New Zealand e-Twickenham ngomhlaka-6 kuLwezi, emizuzwini eyishumi sewuzophela umdlalo i-New Zealand ibisivele isizihambela phambili. Bebehamba phambili ngamaphuzu angu-19 obekubasalele ukuthi bakwenze ukulinda umdlalo uphele bese beyajabula ngokudlala kahle kwabo.
Kodwa-ke lo mkhuba wamakhadi yiwo obulala ibhola lombhoxo ngoba iyona ehlale iyisikhumbuzo sokuthi umuntu obaluleke kakhulu enkundleni unompempe, njengoba lowo mkhuba uvelile ngesikhathi uBeauden Barret ethola ikhadi eliphuzi.
Kodwa bekuvele sekusele imizuzu eyisishiyagalolunye ukuthi uphele umdlalo.
I-England ivuke yazithatha. Ibuye ngokuzimisela yathola amaphuzu angu-19 okulinganisa, yayishiya i-New Zealand imangele.
Ngesikhathi kudlala i-England kanye neqembu lakuleli, kwacishe kwenzeka into efanayo. Kwakusele imizuzu engu-20 iqembu lakuleli lihamba phambili ngamaphuzu angu-21, wavele wathola ikhadi elibomvu uThomas du Toit.
I-England iphinde eyayikwenze ngesonto eledlule.
Umhlaziyi webhola lombhoxo uvele waphawula ngento esobala: “i-England yathola amaphuzu angu-19 emizuzwini eyisishiyagalolunye ngesonto eledlule, kazi bazokwazi nje ukuthola amaphuzu angu-21 emizuzwini engu-20 namhlanje?”
Impendulo? Nhlobo!
Ngesikhathi i-England ishaya igoli ngomzuzu ka-70 elishawe uHenry Slade (okuyigoli lokuqala kusukela umdlalo uqalile) eliqhamuke ngesikhathi uFaf de Klerk ehleli phansi ebambe iqakala lakhe elilimele.
Igcine lapho ukushaya igoli i-England. Bahlulwe ngamaphuzu angu-14.
Bese siyahamba-ke siya kwiNdebe Yomhlaba.
Umqeqeshi we-New Zealand ufakazela isisho esidala esithi:” Ngikhombise isahluleki sangempela, mina ngizokukhombisa isahluleki.”Ayisenawo umoya wokulwa i-New Zealand, ayisenankinga nokuhlulwa okuyiyona-ke into ayifundise iqembu lakhe u-Ian Foster. Uma kufika isikhathi sokuthi bahlulwe, bazohlulwa.
Umqeqeshi we-England, u-Eddie Jones yena ufakele iqembu lakhe umfutho kanye nokuzimisela ukuze lizohlale lihamba phambili. Futhi njengoba lokhu kusebenza kahle kwi-New Zealand kuyinto enhle kakhulu. Kodwa uma kungasasebenzi ziyokwehla izihlathi. Izinja ezinkulu zihlale zizozibalekela ezincane njengoba kwenze i-New Zealand, kodwa kwesinye isikhathi izinja ezinkulu ziyaziphindiselela.
Uma u-Ian Foster eyisahluleki sangempela, u-Eddie Jones we-England kusho ukuthi yena ungcono ngoba ave beshawa kabuhlungu.
AmaBhokobhoko abefana nenja enkulu ngesikhathi eshaya i-Jack Russell. Noma kade engekho enkundleni uRassie Erasmus kodwa umoya wakhe wokulwa ubukhona. Futhi ingakho amaBhokobhoko eqophe umlando ngokuwina kwawo.
Okwenzeka ngeNdebe Yomhlaba yango-2019 kunakho ukufana kancane nokuzokwenzeka kule ezayo. I-England yashaya i-New Zealand kowandulela amanqamu, i-New Zealand yayibukeka sengathi ibingazimisela njengoba yenzile ngesonto eledlule. Emdlalweni wamanqamu weNdebe Yomhlaba yangaleso sikhathi, i-England ayikwazanga ukuwina amaBhokobhoko akwazile.
Ukwazi ukuthi i-France kanye ne-Ireland bazobe bengamaqembu amakhulu ukungena kwiNdebe Yomhlaba, ungaze ubuze ukuthi le midlalo ebidlalwa ngesonto eledlule idlalwa i-New Zealand, i-England kanye namaBhokobhoko kungabe izinkomba zokuzokwenzeka ngoMandulo e-Paris?
Ikwenza uzibuze imibuzo, akunjalo?