Lubhalwe nguLucky Vince Pienaar
Umhlaba webhola lombhoxo, ikakhulukazi abalandeli bamaBhokobhoko bangalindela imidlalo emikhulu kuleli maphakathi nonyaka.
Uma i-Ireland ivakashela kuleli ngoNtulikazi, akungabazeki ukuthi iyobe isiwunqobile umqhudelwano we-Six Nations Tournament. Ngemuva kokubhubhisa i-France ne-Italy emizuliswaneni emibili yokuqala, kunzima ukucabanga ukuthi i-Wales, i-England noma i-Scotland kungaba nzima ukuthi zinqobe ku-Grand Slam.
Ezigabeni zamaqoqo zeNdebe yoMhlaba, i-Ireland yashaya elakuleli kodwa akekho ongasho ngokuqinisekile ukuthi elakuleli (noma i-Ireland) bezidlala ezingeni eliphezulu. Kodwa bekusewumdlalo onzima futhi irekhodi likhombisa ukuthi iqembu lika-Andy Farrell lase-Ireland lishaye amaBhokobhoko kaRassie Erasmus.
Inkundla ihlelelwe imidlalo emibili yokuhlola emikhulu.
Ama-All Blacks ahlulwe amaBhokobhoko kowamanqamu weNdebe yoMhlaba – kodwa asondelana kakhulu njengoba bahlulwa ngephuzu elilodwa vo. Kuzo zonke izindaba ezithi “ukube” kulo mqhudelwano, isinqumo sokugcina sokubuyisa u-Ian Foster njengomqeqeshi kumele sibhekwe njengesithakazelisa kakhulu.
“Ukube” i-New Zealand yayiqeqeshwa uScott Robertson ngabe kwenzakalani? Ngabe ubezosiza ama-All Blacks ukuthi awine?
Umdlalo wokuqala uRobertson engumqeqeshi wama-All Blacks uzoba ngoNtulikazi lapho abazobe bebhekene khona ne-England, i-Fiji kanye ne-Argentina, kodwa uzobe ephokophelele emdlalweni omkhulu: ukududulana namaBhokobhoko ngoNcwaba.
Elakuleli alinabo ubukhazikhazi bemidlalo yokuzilungiselela.
U-Erasmus uzolithokozela ithimba labaqeqeshi alihlanganisile, kodwa kuzobe kushube kakhulu. Umdlalo wabo wokuqala bazowudlala ne-Ireland ngoNtulikazi.
Ngabe uzozama ukwenza umlingo kulo mdlalo noma uzosebenzisa iqembu lakhe elihamba phambili?
Asazi ukuthi u-Erasmus uzoqhamuka nani, kodwa qiniseka ukuthi kuzoba nezimanga.
Imidlalo yamaBhokobhoko yakulo nyaka:
Mhla ziyisithupha kuNtulikazi: SA vs Ireland (Pretoria)
Ngomhlaka-13 kuNtulikazi: SA vs Ireland (Durban)
Ngomhlaka-20 kuNtulikazi: SA vs Portugal (Bloemfontein)
Ngomhlaka-31 kuNcwaba: SA vs New Zealand (Johannesburg)
Mhla ziyisikhombisa kuMandulo: SA vs New Zealand (Cape Town)
Ngomhlaka-28 kuMandulo: SA vs Argentina (Nelspruit)
Esithombeni esingenhla: AmaBhokobhoko.
Umthombo wesithombe: X