Dylan Bettencourt
Sekuqubuke imibuzo ngomuzi womxhaso e-Evaton e-Sedibeng okubikwa ukuthi wakhiwa ngo-R2.6 million, kodwa udonga lakhona lunemifantu kanti phansi emagumbini akukaqedwa.
Le ndlu yakhiwa ngoMfumfu ngonyaka ka-2019 ngemuva kokuba incwadi evela entombazaneni yebanga lesishiyagalolunye iyithumele ku-MMC wendawo.
Incwadi yayicela ukuthi indlu yomxhaso yomndeni kumele inwetshwe ngenxa yesibalo sabantu abahlala khona.
Intombazanyane yengeze ngokuthi unina ubegula futhi engasebenzi.
UMnyango wayiphendula le ncwadi walusukumela phezulu loludaba, kodwa esikhundleni sokuthi bayinwebe bakha enye indlu yomxhaso eduze kweyabo.
Umuzi omusha womxhaso kubikwa ukuthi wawuzokwakhiwa ngo-R2.6 million.
UNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu nokuHlaliswa kwaBantu uLebogang Maile uthe inkampani eyakha lo muzi i-Conloy yaqokwa ngabakwa-Nyda behambisana noMasipala wendawo.
Ilungu lePhalamende le-DA e-Gauteng uKingsol Chabalala ufake ingcindezi kuMaile ukuthi aphendule ukuthi kungani indlu yomxhaso ibize inani eliphezulu kangaka ekubeni kunezinkinga ezisobala ngaphakathi endlini.
“I-DA yenze uphenyo kulo muzi yadumala yashaqeka ngesikhathi ithola ukuthi indlu ayinwetshwanga, kodwa kunenye indlu eyakhiwa futhi yashiywa ingaphelele.
“Awekho ama-tiles kwamanye amagumbi nezindonga ziqhekezekile. Kuyathusa ukuthi lendlu yabiza u-R2.6million njengoba inani lalo muzi kumele ngabe uyisithabathaba,” kusho uChabalala.
Leli lungu le-DA lithe lifuna ukubona isivumelwano phakathi kwe-Nyda noMasipala mayelana nokuqashwa kwenkampani yokwakha.
“Lokhu kuzosenza sithole ukuthi iliphi iqhaza uma likhona umkhandlu owalibamba ekwakheni umuzi omusha nokuthi ngabe umkhandlu ubunawo yini umsebenzi wokwengamela ukwakhiwa kwalendlu entsha.
“Uma kutholakala ukuthi imigudu efanele ayilandelwanga sizofuna ukuthi izikhulu nosopolitiki abathintekayo bathathelwe izinyathelo ngokushesha,” kwengeza uChabalala.
Uqhube wathi uMasipala wendawo kumele ulungise amaphutha bese uqedela umsebenzi walo muzi.
Umthombo wesithombe: @JacarandaFM