OwayeyiMeya ukhala ngobugwala babantu abamnyama kuvalwa uMfundaze wezintombi zoMhlanga

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

OwayeyiMeya kamasipala wesifunda sasoThukela KwaZulu-Natal, usola abazali abamnyama nezishoshovu zamasiko ngokuba amavaka nokuhlulwa ukuvikela izingane zabo ngesikhathi bebhekene nempi eyagcina ivale isikhwama so ngokuvumela somfundaze wezintombi.

Ngo-2016, uThukela lwasungula umfundaze ka-R1-million wokusiza amatshitshi nentsha yomphakathi eyayiphase kahle kumatric ukuba bayoqhuba izifundo zabo emaNyuvesi.

Kubafundi abangu-67 basezindaweni wzakhele uThukela abahlomula, bangu-16 kuphela abangamatshitshi oMhlanga abazuza ukuze baye emaNyuvesi.

Kodwa-ke lolu hlelo lwahoxiswa ngemuva kokuba izinhlangano ezilwela amalungelo abesifazane kanye neCommission for Gender Equality bavuka ngolaka bathi asivalwe lesi sikhwama ngoba sicwasa abesifazane abangewona amatshitshi.

“Ngisabathukuthelele abazali abamnyama ngokuthula ngesikhathi labo abangahambisani noMkhosi woMhlanga babesihlasela ngoba bephikisana nje nemizamo yeNgonyama yokuqoqa isizwe sayo, bethi lo mfundaze ucwasa laba abangesizo izintombi. Uyazi abantu bakithi abamnyama bahluleka bancama ukulwela okungokwabo nekusasa lezingane zabo,” kusho uNksz Mazibuko.

Uqhuba uthi okuxakayo ukuthi lemizamo yabo abantu babengaboni ukuthi isiza ngisho uHulumeni ekuchitheni imali yabakhokhibentela ezinganeni ezincane ezilaxaza izikole ngoba swzikhulelwe ziyikondliwa uSassa noMnyango wezeMpilo.

Uthi okunye okwamxaka ukuthi akwkho noyedwa owayebanga umsindo ngemikhaknkaso kaHulumeni neyezinkampani ezizimele ebizwa ngokuthi Take A Girl Child To Work, noshiya izingane zabafana ngaphandle.

UMazibuko uthi izinhlelo zabo zazijulile ngoba babefuna nesikhwama iNSFAS ifake isandla ezintombini.

Uthe kuyamjabulisa ukuthi namaNyuvesi okubalwa iDurban University of Technology neMangosuthu nezinye izikhungo sebeqalile bafaka isandla ezintombini zoMkhosi woMhlanga.

Uveze nokuthi isasasa selilikhulu ngisho ezinganeni ezifunda ezikoleni zabamhlophe eMnambithi njengoba sezingaphezulu kuka-200 eseziyingxenye yezintombi zoMhlanga.

USolwazi Nomboniso Gasa, oyisishoshovu samaLungelo ezobulili esaziwayo, walwa kakhulu nalolu hlelo, alubiza ngokusetshenziswa budedengu kwemali yabakhokhi bentela ezintweni zamasiko kaZulu ezingahlangene nomphakathi.

Manje njengoba esethathe umhlalaphansi uNksz Mazibuko uhlela ukuqala isikhwama somfundaze wezintombi esizimele ukuze aqhubeke nephupho lokusiza amatshitshi elabulawa izishoshovu zamalungelo.

Lo msindo walo mfundaze wadinsa amehlo ngisho emazweni angaphandle ngesikhathi iziteshi ezifana neBritish Broadcasting Corporation (BBC) zazimuka nalo lolu daba.

Ngaleso sikhathi uNksz Mazibuko wathola ukwesekwa okukhulu ebukhosini bakwaZulu kanye nayiSilo esesakhothama, uZwelithini kaBhekuzulu.

Ngo-2018 izintombi ezazihlomule esikhwameni semifundaze zabonga uNksz Mazibuko ngezipho. Abaningi babo baye baqeda, bathola imisebenzi, abanye bashada.

Esithombeni esingenhla: Owayeyimeya kamasipala wesifunda sasoThukela, uDudu Mazibuko, nabaNtwana baseNdlunkulu laZulu okunguMntwana uMukelisiwe kanye noMntwana uNqobangothando.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva