Imibuzo ngokudla indwangu kukaDkt Nandipha ejele

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Isizwe sonke besilinde ngentshiseko ukuthola ukuthi uDkt Nandipha Magudumana uzoyithola yini ibheyili ngesikhathi evela eNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein ngoLwesine.

Kodwa konke lokho kuye kwashintsha ngesikhathi esukuma enkantolo.

Ubegqoke kahle eluke izinwele zakhe efake nezinzipho futhi egcobe i-lipstick.

Umbuzo uthi ngubani ophethe ibhizinisi lonobuhle emajele akuleli futhi kubiza malini ukubukeka ngendlela emangalisayo njengoDkt Nandipha?

Ngokwenza lokho uhamba ezinyathelweni zombulali nowayengumkhohlisi uRosemary Ndlovu owayemangaza isizwe njalo uma evela enkantolo.

UNdlovu owayeyiphoyisa esiteshini sase-Tembisa South akazange aphuthelwe ithuba lokuzigqaja.

Ngisho nangaphambi kokuthi leli cala lithathe isithakaselo samakhamera omabonakude lowo owayengusayitsheni wayehlezi egqoke kahle.

UMagudumana ubhekene namacala amaningi. Phezu kokuthi ubhekene namacala okusebenzisana noThabo Bester,uDkt Nandipha ubebukeka engakhathazekile enkantolo. Ubephakamise ikhanda.

Kodwa sonke siyazibuza: Ubani ophethe ama-salon ejele? Ingabe uhulumeni uyahlomula? Ubani oqhina iziboshwa izinwele futhi imikhiqizo ivelaphi?

Izihloko zakamuva