Imibuzo ngokudedelwa kukaDJ onekhono  

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

Abalaleli bomsakazo i-YFM cishe ngeke bazi ukuthi kungani  kudedelwe umsakazi wohlelo oludumile lwasekuseni uBryce Clarke odume ngelikaDJ Ankletap.

  • Uma ungakholwa isitatimende somphathi wesiteshi uHaseena Cassim esisho ngentshiseko ukuthi “ithalente elifana naleli aliveli njalo”, umuntu angazibuza ukuthi kungani bemdedele.

U-Ankletap, owaziwa ngabalaleli “ngelika Malume” angeke esaba sohlelweni lwasekuseni olusezingeni eliphezulu kusukela ngomhlaka-24 kuNdasa.

Ungene kulesi siteshi eminyakeni engu-12 edlule futhi  ubesesebenze isikhathi eside  okuyinto engavamile embonini eyaziwa ngokushintsha kakhulu o-DJ. 

Ukuhamba kungazelelwe kuka-Ankletap kuphakamisa umbuzo othi: Kwenzekani kulabo ababengoDJ emsakazweni ngemuva kokuphuma kwabo emsakazweni?

UJessica Bouverie owaziwa  ngelikaJess-B, uke wasebenza no-Ankletap wakhishwa ngo-2021.

I-Scrolla.Africa ihlangane naye muva nje ukuthola ukuthi ukuphi nempilo.

I-Scrolla ithole ukuthi uJessica (30) ungowaseThekwini kodwa wakhulela e-Boksburg.

Waqala umsebenzi wakhe wokuziphilisa ngo-2017 esebenza ebusuku no-DJ Ankletap, eshiya amadodakazi akhe amabili amancane enakekelwa umakhelwane wakhe efulethini lakhe lase-Boksburg.

Ngesikhathi eqala ukusingatha uhlelo lwasekuseni ngokuhlanganyela no-Ankletap, wakwazi ukuchitha isikhathi esiningi nezingane zakhe.

Izinto zashintsha ngesikhathi ewina ama-2020 SA Radio Awards emkhakheni we-Best Traffic Presenter. 

UJess-B uyena kuphela owawina njengomsakazi we-YFM ngalowo nyaka.

“Ozakwethu baqala ukungakhela uzungu ngase ngixhashazwa ngezinto ezincane. Ngakhishwa inyumbazane ngaphinde ngakhishwa njengomphathi wohlelo lwasekuseni.”

“Ngokujwayelekile indawo yasehhovisi yayingesemnandi baze bagcina bengidedela.”

UJess-B akawutholanga umsebenzi womsakazo futhi akakwazanga ukukhokha irenti, okwaholela ekubeni umndeni wakhe umfulathele. Wagcina elahlekelwe yilungelo lokuhlala namadodakazi akhe.

“Kuthathe ukuthi ngilahlekelwe yikho konke ukuqonda ukuthi isikhathi asilawuleki ngendlela esicabanga ngayo. Yebo ngike ngacabanga ukuziphumuza ngokuthatha impilo yami, kodwa ngabona ukuthi indlela elula leyo.”

Uthe uma ebuyela emsakazweni uzosebenza eyedwa kuphela.

Njengamanje uJess ungumhleli wemicimbi eGoli.

Akafunanga ukuphawula ngokuhamba kuka-Ankletap.

Khonamanjalo umphathi we-YFM uCassim uthe esitatimendeni sakhe: “Siyazi ukuthi uhlelo olusha lwasekuseni luzoletha okuhle kakhulu  emsakazweni wethu.”

Akukacaci ukuthi ngubani ozongena esikhundleni, kodwa uma sibheka okwedlule akufanele bakhululeke kakhulu emisebenzini yabo emisha.

Isithombe esingenhla: UJess-B

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva