Imibuzo ngengane kasaziwayo

Dylan Bettencourt

Ukukhulelwa komlingisi waseNingizimu Afrika we-Blood & Water uNatasha Thahane kuqubule imibono ehlukene kubalandeli bezibuza ukuthi ngubani ubaba wengane.

NgoLwesibili, umlingisi ophinde abe ngumzukulu ka-Archbishop Desmond Tutu ongasekho, uveze ekhasini lakhe le-Instagram kubalandeli bakhe abangu-4.9million ukuthi ulindele umntwana wafaka nesithombe sakhe esiveza isisu.

Isithombe sibonisa owesifazane ongusomabhizinisi egqoke indwangu ebomvu, ebonisa isisu sakhe esikhulu.

Idlanzana labanye omama abangosaziwayo okubalwa kubo uMinnie Dlamini noSamkelo Ndlovu, bahalalisele uThahane.

Ngesikhathi abalandeli bekhuluma ngobuningi babo behalalisela lo mlingisi oneminyaka engu-26 ubudala, imiyalezo yokumeseka ifike nemibuzo, njengoba abaningi bebeqagela ukuthi uThembinkosi Lorch odlala esayidini kwi-Orlando Pirates nguyena ubaba womntwana. 

ULorch kanye noNatasha baveza izithombe ezifanayo zamaholide ezathathwa e-Zanzibar ngoNhlangulana odlule, okwabhebhethekisa ukuqagela kokuthi kungenzeka ukuthi bayathandana.

Laba bobabili baqhubekile nokugcona abalandeli, kodwa abakaze baqinisekise ngobudlelwane babo. Laba bobabili bebethule ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukukhathazeka ngokuthi abasahlali ndawonye.

Njengamanje, amahlebezi abengakaqinisekiswa kanti abalandeli basaphuthuma ezinkundleni zokuxhumana zomdlali we-Pirates ukuyomhalalisela “ngokushaya igoli” njengoba elindele ingane noThahane.

UNatasha akakusabi ukugqama. Usanda kuba sematheni ngesikhathi esho kwi-podcast kaMacG ukuthi izifundo zakhe e-New York zaxhaswa nguhulumeni.

Njengoba ebedlala ohlelweni lwaseNingizimu Afrika lwe-Netflix i-Blood & Water, uThahane useke wadlala ku-BET Africa ohlelweni Isono nakuMzansi Magic kwi-The Queen.

Umthombo wesithombe: @Natasha_Thahane

Izihloko zakamuva