Celani Sikhakhane
Ngenkathi izwe lisavaliwe abantu abaningi okuhlanganisa nosopolitiki basebenzela emakhaya, imnyango emibili yakwazi ukusebenzisa imali engu-R15 million ukukhokha izikweletu emahhotela.
Iphephandaba i-Sowetan libika ukuthi izikhulu zoMnyango wezokuxhumana kanye ne-Digital Technologies zasebenzisa u-R10 million eminyakeni emibili kwathi oNgqongqoshe okubalwa uStella Ndabeni Abraham noKhumbudzo Ntshavheni namaPhini abo badla u-R5 million eminyakeni emithathu.
Lokhu kwenzeke ngaphezu komsebenzi owenziwe bexhumana ngezobuchwepheshe ngenxa yobhubhane lwe-Covid-19 kanye nemihlangano eyayimisiwe.
Lokhu kuvele ngemuva kokuthi ilungu le-DA ePhalamende uMnu Michael Bagrain ethumele imibuzo eMnyangweni wezokuXhumana.
Ibamba likaMqondisi Jikelele uNonkqubela Jordan-Dyani lidalule empendulweni yalo ebhaliwe ukuthi le mali ayihlanganisi ezokuzijabulisa, kodwa ngeyokudla neyokulala kuphela.
Ube esecacisa ukuthi u-R10 million wasetshenziswa ukukhokhela indawo yokuhlala nokudla kwezikhulu zeMnyango emibili esikhathini seminyaka emibili.
Ukuchithwa kwezimali kwenzeka ngemuva kokuthi uNtshavheni ejoyine uMnyango nePhini lakhe uPhilly Mapulane ngemuva kwezinguquko kwiKhabhinethi lapho kwakhishwa khona u-Abraham nephini lakhe uPinky Kekana.
Bamoshe izigidi zemali yabakhokhi bentela ngokudla nokulala emahhotela.
UBagrain uthe akakholwa ukuthi imali engaka yasetshenziswa ekudleni nasezindaweni zokuhlala njengoba ibonakala inkulu kangaka.