Imibono ngevidiyo yezingane zenza ucansi

I-Nigeria ishaqekile ngevidiyo esabalaliswe ezinkundleni zokuxhumana yentombazanyana eneminyaka eyishumi ubudala edlwengulwe izingane ezinhlanu efunda nazo esikoleni ngesikhathi ise-Dubai emqhudelwaneni.

Umbusi wesifunda sase-Lagos uBabajide Sanwo-Olu uvale wonke amagatsha e-Chrisland Schools okungesinye sezikole ezihlonishwayo nezimba eqolo ezweni.

Abafundi bebese-Dubai kusukela mhla ziyisishiyagalombili kuya mhla ziyishumi nantathu kuNdasa lapho bezodlala khona imidlalo yezikole yomhlaba.

Lesi sigameko sokudlwengulwa siqoshwe ngozakwabo ekilasini abafake le vidiyo ku-Instagram.

Unina wengane uthe indodakazi yakhe ibuyele ekhaya njengokujwayelekile isikole sathatha isigameko sasehhotela njengokuqondiswa kwezigwegwe okuthinta zonke izingane.

Uthisha omkhulu uGI Azake ubhalele umama womntwana ngomhlaka-14 kuMbasa wathi “kutholwe ukuthi indodakazi yakho ibizibandakanya nozakwabo abambalwa,l ngokocansi ibambe iqhaza ngamabomu emdlalweni abawubiza ngokuthi i-Truth or Dare ababedlala nabanye abambalwa abafundi ukwenza izenzo ezingcolile.”

Ube esebona  ividiyo ecace ukuthi kwenzekeni neveza ukuthi indodakazi yakhe yadlwengulwa. 

Umama usole isikole ngokusabisa ngokuyibulala indodakazi yakhe uma ikhuluma ngokuzibandakanya ngokocansi okuyinto isikole esiyiphikayo.

Umama utshele amaphephandaba ase-Nigeria ukuthi indodakazi yakhe ibifela ngaphkathi futhi ibingakwazi ukukhuluma.

Ngemuva kokuthi umama angahambisani ngendlela isikole esisingathe ngayo lesi sigameko indodakazi yakhe ivele yamiswa.

Umama usole isikole ngokuphoqa indodakazi yakhe ukuthi ihlole ukuthi ikhulelwe yini ngemuva kokuthi ibuyiselwe iyohlolelwa i-Covid. Isikole siyakuphika lokhu.

Amaphoyisa ase-Nigeria athe angase axhumane ne-Interpol ophenyweni lwayo lwecala futhi aphenye nezinsolo zokuhlolwa kokukhulelwa kwentombazane yesikole ngaphandle kwemvume yabazali.

Lesi sigameko sisuse umsindo ezinkundleni zokuxhumana abanye abantu base-Nigeria bethi intombazane enabalandeli abangu-24 000 ku-Tik Tok izizele yona.

Scrolla World Cup Quiz