Imibhede yamaqhawe esizwe

Marion Edmunds

Abasebenzi bezokunakekelwa kwezempilo abane-Covid-19 badinga indawo yokugonqa neyokululama.

Njengamanje, amakamelo nemibhede emahhotela nezindlu zezivakashi azinalutho, njengoba ukuvakasha nokuhamba kusamile.

Abakwa Ubuntu Beds bayazama ukuxazulula lezi zinkinga ezimbili.

Le nhlangano entsha iphethwe nguKim Whitaker, obekade esebenza kwezokuvakasha nokunethezeka. Uke walithola leli gciwane, ngakho-ke ilokho okumenze wacabanga ukuthi angasiza kanjani.

Ngakho-ke ube eseqala le nhlangano ukuthi isebenzise imibhede yezokuvakasha engenalutho kubasebenzi bezempilo bakahulumeni – ubabiza “ngamaqhawe” – abadinga ukugonqa kanye nokuphumula ngemuva kokutheleleka.

Imibhede elethwe inhlangano yakwa Ubuntu isivele ihlelile amakamelo ayi-16 000 ezakhiweni ezi-1 000 kulo lonke elaseNingizimu Afrika. Bangaphezu kwama-300 odokotela nabahlengikazi asebeyisebenzisile kuze kube manje, kanti uWhitaker uthi lezi zibalo ziphindaphindeka njalo ezinsukwini ezimbalwa.

Abasebenzi bezokunakekelwa kwezempilo bathola usizo ngokusebenzisa iwebhusayithi noma i-WhatsApp.

Imali ehlanganiswa yinhlangano yakwa Ubuntu Beds, iphinde isize ukugcina amabhizinisi ezivakashi aqhubeke kulesi sikhathi senhlekelele.

Ithole izigidi eziyi-R1.2 million kubaxhasi abazimele, futhi bazama ukuhlanganisa imali eyi-R16 million ezinyangeni ezine ezizayo.

“Inani eliphezulu labantu liseza futhi senza konke okusemandleni ukusiza abezempilo ukuthi balungiselele,” kusho uWhitaker.

Lesi sithombe esingenhla sikhombisa umsebenzi wezempilo osuka esibhedlela i-Charlotte Maxeke efulethini ozenzela khona konke e-Parkhurst, eGoli.

Izihloko zakamuva