Dylan Bettencourt
I-Qatar inesibalo esithile sabalandeli abazovunyelwa ukuyobuka iNdebe yoMhlaba ye-Fifa.
Alikho ithuba lezokuvakasha elidlula ukusingatha iNdabe yoMhlaba ye-Fifa. Kodwa hhayi i-Qatar, enesibalo esithile sabantu abanethemba lokuhambela umbukiso wezemidlalo ekupheleni konyaka.
Abalandeli emhlabeni wonke jikelele bebezoyibukela ngeso lokhozi imidlalo yeNdebe yoMhlaba ngoLwesihlanu ukuze bahlele uhambo lwabo oluya e-Qatar ukuze balandele amazwe abo kulo mqhudelwano.
Kodwa-ke, izwe elizosingatha lo mqhudelwano likuvimbele lokho ngemuva kokumemezela ukuthi ngabalandeli abanamathikithi emidlalo yeNdebe yoMhlaba kuphela abazovunyelwa ukungena e-Qatar ngesikhathi salo mqhudelwano.
Lokhu kungenxa yokukhathazeka ngendawo yokuhlala ezweni elinabantu abangaphezudlwana kwezigidi ezintathu, ukuthi lingase lingabi nawo amagumbi anele ukusingatha bonke abangaba izivakashi.
Abalandeli abafisa ukuya e-Qatar kuzomele baveze amathikithi abo emidlalo yeNdebe yoMhlaba ukuze bathole i-visa yabo.
“Kuthathwe isinqumo sokuthi abalandeli abanamathikithi omdlalo kuphela abazovunyelwa ukuthola ama-visa. Bazodinga omazisi abasemthethweni babalandeli ukuze bangene e-Qatar kanti abangenawo ngeke bavunyelwe ukuhamba,” kusho uBerhold Trenkel, isikhulu esiphezulu se-Qatar Tourism etshela i-The Sun.
“Imithetho iqinile futhi ikhona ngesizathu.”
Nakuba iNdebe Yomhlaba ingaletha imali enkulu ezweni elisingatha umqhudelwano, i-Qatar izobe ibheke ukugwema ukugqama kwabezindaba ngezizathu ezingezinhle phakathi nomqhudelwano.
Noma iyiphi inkinga yezindawo zokuhlala engaba khona, noma izindawo eziminyene ngokweqile, zingabeka isizwe ngaphansi kokuhlolwa okwengeziwe uma kubhekwa ukugxekwa osekuvele kwandile ngokuthi i-Qatar isingathe iNdebe Yomhlaba.
Nakuba inzuzo ingase ingabi into emqoka kwi-Qatar, ukwengeza esinye isithiyo sokuvumela isibalo esithile sabalandeli abazovakashela leliyazwe ukuze balandele izizwe zabo kuzoba nomthelela ekuzuzeni umnotho.
Mhlampe abalandeli bebengafuni ukuvakashela kuleliyazwe ukuyobuka amazwe abo edlala njalo ezinkundleni zemidlalo, kodwa bebezowujabulela umoya weNdebe yoMhlaba ozungezwe ngabanye abathandi bebhola kulo mqhudelwano ohlonishwayo.
INdebe yoMhlaba izoba ngomhlaka-21 kuLwezi kuze kube umhlaka-18 kuZibandlela.
Umthombo wesithombe: @DailySabah