Lubhalwe nguLungani Zungu
Ukuqoka elinye lamakhansela ayo njengeMeya endaweni ye-IFP KwaNongoma kubukeka kuseyibhuloho elikude kakhulu kwi-ANC.
Sekuyiminyaka eminingi leli qembu likhankasela ukuthatha Ulundi noma uNongoma ku-IFP ukuze likhombise ukuthi liyakhula endaweni yasoThukela.
Kodwa kuthe uma sekufika ithuba, i-ANC yeseka ilungu le-NFP ukuthi libe iMeya entsha.
UMnu Clifford Ndabandaba useyiMeya entsha kuMasipala waKwaNongoma kulandela ukuphuma kukaMnu Albert Mncwango we-IFP.
UMncwango ushaywe ngevoti lokungathenjwao.
UMnu Sabelo Nkosi we-EFF owesulile esikhundleni sokuba iPhini leMeya KwaNongoma ngemuva kokubhidlika kobudlelwano beqembu ne-IFP ngenyanga edlule, uqokwe esikhundleni sakhe esidala emhlanganweni womkhandlu.
OMncwango basuswe umbimbi lwe-ANC, i-EFF ne-NFP olwasungulwa ngemuva kokuthi amabharethi abomvu elaxaze i-IFP.
I-IFP isola uhulumeni wesifundazwe oholwa i-ANC ngokushaya indiva izinhlelo zokuketula i-IFP kuMasipala.
UMncwango, iMeya exoshiwe uthi akayindawo ngoba umhlangano womkhandlu ubungekho emthethweni.
“Asizange siwuhambele lo mhlangano njengamakhansela e-IFP ngoba zonke izinhlelo bezingekho emthethweni. Ngakho-ke, ngokwazi kwami ngiseyiMeya kaMasipala waKwaNongoma,” kusho uMncwango etshela i-Scrolla. Africa.
UMncwango uthe amanye amakhansela e-IFP avinjelwe ukungena ezindlini zomkhandlu.
Akacacisanga ukuthi iqembu lizolufaka yini lolu daba eNkantolo.
Imizamo yokuqala yokubamba umhlangano ngoMsombuluko ibhuntshile ngemuva kokuthi abalandeli be-IFP bephazamise umhlangano. Abanye babo bagasele emhlanganweni womkhandlu besho iziqubulo.
NgoLwesibili, ezokuphepha beziqinisiwe ngaphandle kwamahhovisi kaMasipala njengoba inqwaba yabantu abebegqoke izikibha ze-IFP bebebuthene ngaphandle.
IMeya ye-IFP e-Zululand, uMnu Thulasizwe Buthelezi ikhishwe ngamaphoyisa emagcekeni kaMasipala ngemuva kokuthi izame ukungena emhlanganweni ethi ubungekho emthethweni.
Ube esekhuluma nequlu labalandeli be-IFP ngaphandle kukaMasipala.
“Ngeke sivumele noma ngubani ukuthi antshontshe uMasipala wethu emini kwabha. Uma kufanele siboshwe namuhla makube njalo,” kusho uButhelezi.
Osesithombeni esingenhla: IMeya Entsha yaKwaNongoma uClifford Ndabandaba
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe