
Celani Sikhakhane
IMeya ye-DA kuMasipala waseMngeni ibhodla umlilo ngezinsolo zokuthi iyishaya indiva imiphakathi yasemakhaya ngoba ingumlungu.
Lezi zinsolo zivele ngempelasonto ngemuva kokuthi amanye amakhosi ezwakalise ukukhathazeka ngokuthi imeya uMnu Chris Pappas akanazo izinhlelo zokusebenza nemiphakathi yasemakhaya engaphansi kobuholi bomdabu.
Kusolwa ukuthi amakhansela e-ANC kuMasipala waseMngeni yiwona abhebhethekisa izinsolo ezibhekiswe kuPappas ukuze athole ukwesekwa akulahlekelwa okhethweni lohulumeni basekhaya lwangomhla wokuqala kuLwezi.
UPhilisiwe Memela
osebenza ehhovisi lemeya utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uPappas uthukuthele ngoba izinsolo abekwe zona zenzelwe ukudicizelela isithunzi sakhe phansi.
“Sithole umbiko wokuthi kunamakhansela e-ANC afaka uvalo emiphakathini yasemakhaya ikakhulukazi emakhosini ngokuthi ngeke aluthole usizo eMngeni ngoba iMeya ingumuntu omhlophe,” kusho uMemela.
Uthe umasipala usanda kuqala uhlelo lokufakela ugesi ezindlini ezingu-200 KwaNxamalala nezingu-50 e-Enguga West. UMemela uthe lezi zinhlelo zenzelwe ukuthuthukisa izimpilo zemiphakathi yasemakhaya.
Esitatimendeni esikhishwe ngoMgqibelo, uPappas uthe amanye amakhansela afuna ukunakwa futhi afuna okuhambisana nawo.
“Ihhovisi likaMasipala waseMngeni kanye nehhovisi leMeya lizibophezele ekusebenzisaneni nabo bonke abaholi nemiphakathi okuhlanganisa nabaholi bendabuko nalabo abahlala emhlabeni wabo,” kufundeka isitatimende.
UPappas kulindeleke ukuthi ahlangane nabaholi bendabuko ngesonto elizayo ukuze acacise ngezinhloso zakhe.
Uyimeya yokuqala ye-DA ukuphatha umasipala KwaZulu-Natal. Abanye omasipala besifundazwe basaphethwe yi-ANC noma i-IFP.
UMnu Thulani Mthalane we-ANC utshele i-Scrolla.Africa ukuthi usifundile isitatimende kodwa bekungacaci ukuthi sibhekiswe kumakhansela e-ANC.
“Angazi ngempela ngalezi zinsolo futhi sinawo amakhansela asebenza ezindaweni zobuholi bendabuko kodwa asikaze siyikhulume lento,” kusho uMthalane.