
Elmon Tshikhudo
Imeya esanda kufungiswa kuMasipala wase-Musina isobishini emva kokuvela kwezinsolo zokuthi ishaye umuntu.
UNkhanedzeni Godfrey Mawela (39) uboshelwe izinsolo zokushaya.
Usolwa ngokushaya owesilisa oneminyaka engu-25, endaweni yokucima ukoma e-Muswodi ngaphandle kwase-Musina e-Limpopo ngemuva kwesigameko sangoMgqibelo ngesikhathi imeya iziphuzela utshwala endaweni yokucima ukoma.
Abasondelene naye bachaze imeya njengomuntu onolaka kanti kuthiwa yelulekwa ukuthi ihlukane nokuya ezindaweni ezidayisa utshwala ngemuva kokuthatha izintambo zokuphatha ngoLwezi nyakenye.
“Lokhu ukuqhubeka kwezimpi ezingaphakathi kwi-ANC,” kusho umthombo osondelene ne-ANC.
“Sikholwa wukuthi lokhu bekuhloselwe ukumcasula nokumfaka esimweni esibucayi. Bafuna nje ukuthi aphume esikhundleni hhayi okunye”.
UMawela ujwayele ukubandakanyeka ezingxabanweni.
Ngo-2019 waphoqeleka ukuthi ashiye phansi isikhundla sakhe sokuba yikhansela kumasipala wesifunda sase-Vhembe.
Ukhonjwe indlela ngeqhaza lakhe emalini engaphezulu kuka-R300 million umasipala wesifunda owayitshala ebhange eselingasekho i-VBS.
Uthole indlela ebuyela ezikhundleni zobuholi ngesikhathi i-ANC imqoka njengemeya ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya nyakanye.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa ase-Muswodi esiFundeni i-Vhembe abophe owesilisa oneminyaka engu-39, ophinde abe yimeya.
“Uboshelwe ukushaya ngenhloso yokulimaza ngemuva kwezinsolo zokushaya isisulu esineminyaka engu-25 ubudala endaweni edayisa utshwala,” kusho uMojapelo.
Isisulu siphuthunyiswe esibhedlela ukuze sithole ukwelashwa.
Uthe uMawela uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Mutale ngoMsombuluko.