Imeya ye-ANC exoshiwe ayikaphumi ehhovisi

Elmon Tshikhudo

Cishe sekuyinyanga selokhu kwaxoshwa u-Avhashoni Tshifhango – kodwa ulokhu efika ehhovisi sengathi akukho okushintshile.

I-ANC e-Vhembe ixoshe uTshifhango, oyimeya yase-Thulamela, ngemuva kokuthi esolwa ngokuvumela izigidi ezingama-R30 zemali kamasipala ukuthi ifakwe ebhange elihlangene i-VBS.

Lokhu kuthiwa kwephula umthetho kaMasipala wokuPhathwa kweziMali kanye nemithethonqubo yeMithetho Yokutshalwa Kwezimali kaMasipala phakathi kweminye.

Isamba esigcwele sabuyiswa nenzalo enqwabelene engaphezu kwezi-R600,000.

Abaningi esifundeni bayazibuza ukuthi kungani exoshwa yena yedwa, njengoba ezinye izimeya nazo zitshale imali ebhange i-VBS kodwa akushiwo lutho.

Lokhu kuza ezinyangeni ezine ngaphambi kokuphela kokuphatha kukaTshifhango nokhetho lohulumeni basekhaya.

Ukuxoshwa kweMeya kuchazwe njengodweshu olukhulu phakathi kwamaqembu asekela uMengameli uCyril Ramaphosa kanye noNobhala-Jikelele we-ANC osamisiwe u-Ace Magashule, njengoba izifunda zibhekele izingqungquthela zokukhethwa.

Ngisho nangaphambi kokuba i-PEC ikhiphe isimemezelo esisemthethweni ngokuxosha imeya, i-ANC e-Vhembe kusolwa ukuthi ibisihambise amagama amathathu alabo abazongena esikhundleni sikaTshifhango kwi-PEC.

Amagama ahlongozwayo nguSomlomo uHumbulani Mulovhedzi, uSalphina Mulaudzi noSarah Rammbuda.

Imithombo esondelene nalesi simo ithi laba abanye ababili baphelezela igama likaHumbulani Mulovhedzi njengoba kubhekwe ukuthi athathe isikhundla sobumeya.

Okhulumela i-ANC esifundeni i-Vhembe ulichithile lolu hlu lwamagama.

Uthe inhlangano ithumele incwadi yokuthi kubuyiswe lesi snqumo abasalinde izinqubo zokuhlelwa kwenhlangano i-PEC.

Uvumile ukuthi kube nomhlangano kodwa wangakuqinisekisa ukuthi kukhulunyiwe yini ngamagama ngesikhathi somhlangano.

“Ngeke sinifihlele lutho. Sizonazisa nganoma yikuphi okusha okwenzekayo ngokuhamba kwesikhathi,” esho. 

Izihloko zakamuva