Celani Sikhakhane
Imeya yeqembu le-IFP esifundazweni sase-Zululand uMfundisi uThulasizwe Buthelezi uphenywa ngamaphoyisa ngezinsolo zokuthi usebenzise imali eyizigidi ezi-5 zamarandi emhlanganweni webhizinisi okwadliwa kuwo isidlo sasekuseni.
Umcimbi wenziwa emasontweni amabili adlule ngenhloso yokuheha abatshali bezimali kulesi sifunda. Kodwa lokho kususe umsindo omkhulu emphakathini ngemuva kwezinsolo zokuthi imeya idle imali yabakhokhi bentela ngaphandle kwemvume.
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi ayaphenya ngemuva kokuthola izikhalazo zilethwa amalungu e-ANCYL esifundazweni sase-Zululand ngoLwesithathu. Amalungu e-ANCLY avule icala lenkohlakalo necala lokukhwabanisa belivulela uButhelezi.
Isishoshovu se-ANCYL uLindokuhle Xulu kanye nosihlalo we-ANC esifundazweni saseZululand uKhaha Khumalo bahole umbhikisho, obumelene nenkohlakalo eyenziwa iqembu le-IFP e-Zululand.
UXulu uthe ufisa uphenyo lwamaphoyisa lungashiyi lutho emizameni yabo yokuveza inkohlakalo e-Zululand.
“Sivule icala lobugebengu futhi konke sekulele ezandleni zamaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wabo baphinde babophe abenza inkohlakalo,” kusho uXulu.
UXulu uphinde wathi ukholelwa ukuthi enye ingxenye yemali isetshenzisiwe ekuxhaseni umkhankaso wokhetho eqenjini le-IFP.
“Sikholelwa ukuthi izigidi zamarandi zisetshenziselwe ukuxhasa umkhankaso weqembu le-IFP eThekwini. Akanawo amahloni ngokuthatha imali esifundazweni esinhlwempu ayichithe kumkhankaso wabo odinga izinkomishi zekhofi. Lokhu kuyanyanyisa,” kusho uXulu.
I-ANCYL ifuna uButhelezi akhokhe imali ayisebenzisa. IMeya, noma kunjalo, iyaphika ukuthi imali ayisebenzisa kwisidlo sasekuseni yayifike kwizigidi ezi-5 zamarandi ngokusho kwabenzindaba.
Uthi isidlo sasekuseni sabiza imali engaphansi kweyizi-200,000 zamarandi futhi sathola uxhaso lwemali eyizigidi ezi-600 zamarandi.
Uthi imali eyi-71,000 zamarandi yakhokhela indawo kanye nendawo yokupaka izimoto efaka abantu abayikhulu, ukudla khona kwabiza imali eyi-46,200 zamarandi.