IMeya yaseTshwane nesethembiso sokuhola umasipala endleleni efanele 

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Umasipala wase-Tshwane ubukeka usendleleni eya phambili ngemuva kwesikhathi eside unezinxushunxushu.

Enkulumeni yakhe yokuvula iSimo sikamasipala ngoLwesine imeya uCilliers Brink uvumile ukuthi umbiko wokucwaningwa kwamabhuku ongemuhle ovela kumcwaningi mabhuku-jikelele onyakeni wezimali ka-2021/22 ube umqansa.

Ephendula uthe uMnyango wezeziMali kaZwelonke usuthumele ongoti ukuthi bayosiza umasipala ekwenzeni ngcono ukulawulwa kwezimali kwangaphakathi.

Ukungenelela koMnyango wezeziMali kaZwelonke akugcini lapho. Uhulumeni uzophinde ahlinzeke umasipala ngesikhulu sezezimali sesikhashana kuze kube kuqashwa ngokugcwele.

Lesi sikhundla simenyezelwe izolo okukhombisa ukuthi umasipala uzimisele ukubhekana nezinselelo zezimali ngokushesha.

“Ngemuva kokuthi umasipala uthole umbiko omubi wocwaningomabhuku ngonyaka wezimali ka-2021/2022 sibonile ukuthi sidinga lonke usizo esingaluthola. UMnyango wezeziMali kaZwelonke ulapha ukuze usize ekwenzeni ngcono indlela yethu yokulawula izimali,” esho.

Khonamanjalo, ukuze kubhekanwe nezikweletu ezisasele esizikweleta u-Eskom kanye ne-Rand Water umasipala uzoqala umkhankaso onamandla wokuqoqa imali engenayo.

UBrink ugcizelele isibopho sikamasipala sokukhokhela izikweletu zawo wathi “Kufanele sikhokhele izibopho zethu ngakho-ke, kuzothathwa izinyathelo ezinqala emasontweni azayo ukuguqula izikweletu zethu zibe ukheshi futhi sizuze isilinganiso sokuqoqwa kwemali okungenani esingu-93%. Kuzodingeka sikhokhe okungenani izikweleti ezingu-1,000 isonto ngalinye futhi sithathe izinyathelo zokuvimbela ukuxhuma kabusha okungekho emthethweni.”

Ukwengeza umphathi kamasipala uzohola uchungechunge lwezinguquko ophikweni lokuphathwa kwemali engenayo okuhlanganisa nokushintshwa kwezinhlelo nabasebenzi ukuze kuthuthukiswe ukusebenza kahle nokuqoqwa kwemali engenayo.

UBrink ugqamise ukwenza ngcono ukulethwa kwezidingongqangi kwizakhamizi njengento okugxilwe kuyo kakhulu. Ugcizelele ukubaluleka kokubeka phambili amanzi, ugesi, ukuthuthwa kwemfucuza, indle, imigwaqo, ukukhanya emphakathini, ukuphepha, kanye nokuthola izindlela ezisimeme zokuqinisekisa ukulethwa kwezidingo ngendlela efanele kanye nokugcina ingqalasizinda edingekayo.

Esithombeni esingenhla: IMeya kamasipala wase-Tshwane uCilliers Brink ethula inkulumo yakhe yokuqala kamasipala 

Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla

Izihloko zakamuva