IMeya yaseNMBM ibalekele ukuketulwa

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ngemuva kwamasonto ambalwa ehhovisi iMeya entsha yaseNelson Mandela Bay uGary van Niekerk usevele wabalekela umzamo wokuketulwa esihlalweni esiphezulu sikamasipala.

NgoLwesibili kufakwe isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bemeya.

Lesi siphakamiso sifakwe amaqembu amabili aphikisayo i-UDM kanye ne-Defenders of the People (DOP) efuna kukhishwe imeya esihlalweni ngokwehluleka ukudalula ukushintshwa kwegama leqembu layo kumphathi kamasipala ngemuva  kokuthi ukushintsha kwegama kuqinisekiswe ngenyanga edlule.

Ngokwesiphakamiso esifakwe uTukela Zumani we-DOP, uVan Niekerk uthole isiqinisekiso esiphuma kwikhomishana kazwelonke yokhetho ngomhlaka-28 kuNhlaba sokuthi igama le-Northern Alliance lishintshwe ngempumelelo laba i-National Alliance.

“Kulokho umuntu angacabanga ukuthi bekuyimizamo yalabo abebemgxeka eqenjini lakhe lezepolitiki. UVan Niekerk ugodlele umkhandlu lolu lwazi, umphathi kamasipala uNoxolo Nqwazi kanye nezakhamizi zedolobha kwaze kwaba ngomhlaka-19 kuNhlangulana.”

UZumani wengeze ngokuthi ngalesi sikhathi umkhandlu uphinde wadukiswa uVan Niekerk ngamabomu.

Uthe imeya bekumele ilungise ukubekwa kabi kweqembu layo emihlanganweni emibili yomkhandlu kodwa iye yakhetha ukusebenzisa ukushintshwa kwegama leqembu layo ukulwa ipolitiki engaphakathi egenjini.

UVan Niekerk umemezele ukushintshwa kwegama leqembu lakhe ngoMsombuluko lisuka ku-Northern Alliance liyaku-National Alliance.

Uthe lokhu kuchithe ingqungquthela ebibanjwe izimbangi zakhe kuleli qembu eziqoke abaholi abasha ngaphansi kwe-Northern Alliance ngoMgqibelo.

Khonamanjalo, ngoLwesithathu uVan Niekerk uthe isiphakamiso sokungamethembi sizomenyezelwa njengento engekho.

“Ngithole izingcingo ezivela ezinhlakeni ze-DOP kuzwelonke nasezifundazweni zingazisa ukuthi uZumani uyilungu leqembu elixoshiwe ngakho akanalo igunya lokufaka isiphakamiso esinjalo,” kusho uVan Niekerk.

Iqembu libhalele uSomlomo womkhandlu waseNelson Mandela Bay, u-Eugene Johnson ukuthi amemezele ukuthi lesi siphakamiso siyinto engekho.

Iqembu lithe okwamanje uZumani uphonsela inselelo ukuxoshwa kwakhe eqenjini eNkantolo eNkulu yase-Gqeberha.

Esithombeni esingenhla: IMeya yaseNelson Mandela Bay uGary van Niekerk

Umthombo wesithombe: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva