Imeya yaseNelson Mandela Bay izosula maduze esikhundleni

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

IMeya yaseNelson Mandela Bay, uGary van Niekerk, ongumholi we-National Alliance, kulindeleke ukuthi ehle esikhundleni kuleli sonto ngemuva kokuthi iNational Executive Committee (NEC) ye-ANC inqume ukuthi le nhlangano kumele ihole komasipala lapho inezihlalo eziningi khona.

NgeSonto, ilungu le-NEC ye-ANC uBathabile Dlamini kanye nelungu lesigungu esiphezulu esifundazweni uXolile Nqatha baveze lezi zindaba, bechaza ukuthi uhulumeni wobumbano kuzwelonke uzolandela izinqumo ze-NEC.

Lolu shintsho luyafana nolwenzeke eGoli, lapho iMeya ye-Al Jama-ah, uKabelo Gwamanda, yacelwa ukuba ihoxe esikhundleni ukuze kuzongena uDada Morero we-ANC.

Kubikwa ukuthi uVan Niekerk ucelwe ukuthi asule esikhundleni emhlanganweni wangasese nabaholi be-ANC besifundazwe emasontweni amabili edlule.

USihlalo we-ANC esifundeni kanye nePhini leMeya, uBabalwa Lobishe, ukuqinisekisile ukuthi iqembu lilungiselela ukushintsha.

“Kuzoboniswana namaqembu akuhulumeni wobumbano lwendawo, futhi silindele umphumela omuhle ku-ANC ukuze ihole,” kusho uLobishe, wengeza ngokuthi akukho ukungqubuzana phakathi kwe-ANC noVan Niekerk, futhi balindele ushintsho olungenazihibe.

Imithombo ithi uVan Niekerk uzosula maduze futhi uLobishe uzongena ezicathulweni zakhe. Umhlangano womkhandlu uhlelelwe uLwesine, lapho cishe uLobishe ezokhethwa njengemeya entsha.

I-ANC ifuna nokulawulwa uphiko lwezokuPhepha nokuVikela ukuze iqinise imizamo yokulwa nobugebengu edolobheni.

Osesithombeni esingenhla: IPhini leMeya yaseNMBM uBabalwa Lobishe okubhekwe ukuthi abe yimeya elandelayo kuMasipala waseNelson Mandela Bay.

Umthombo: NMBM

Izihloko zakamuva