Imeya yaseMthatha nezinsolo zokusebenzisa budedengu imali yomphakathi 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-United Democratic Movement (UDM) kumasipala i-King Sabatha Dalindyebo, e-Eastern Cape ifuna izimpendulo ngezinsolo zokuthi imeya yaseMthatha yasebenzisa imali engango-R180 000 yomphakathi ukuze ihambele umcimbi we-ANC eThekwini.

I-Meya uNyaniso Nelani kuthiwa yenze sengathi uhambo olokuyothamela uhlelo lukahulumeni lokuvulwa kwezikole.

I-UDM imsole ngokusebenzisa imali yokulethwa kwezidingonqangi ukuze azithokozise.

Ikhansela le-UDM uRaymond Knock usebhalele umasipala efuna kwenziwe uphenyo olugcwele.

“Sicela ukuthi lolu daba luhanjiswe emkhandlwini ngokwemithetho ebekiwe. Lolu daba luthinta umphakathi, ngakho kumele ludingidwe emkhandlwini ukuze imeya namanye amakhansela athintekayo baphendule,” kusho uKnock.

UNelani namanye amakhansela amabili e-ANC kuthiwa baya eThekwini ngoNhlolanja ukuyothamela umcimbi wokwethulwa kosomqulu weqembu le-ANC okwakukhona kuwo uMengameli weqembu uCyril Ramaphosa enkundleni yezemidlalo i-Moses Mabhida.

Izikhulu eziputshuze lolu lwazi kwi-Mail & Guardian ziveze ukuthi imeya namakhansela amabili baqamba amanga ngokuthi baye ohlelweni lukahulumeni kazwelonke lokuvulwa kwezikole eThekwini.

Izikhulu zikamasipala zibhekisisa izinsolo zokuthi lolu hlelo lalungekho yini nokuthi ngabe lwasungulwa ngenhloso yokuvuna uhambo oluya eThekwini. 

Ihhovisi likaSomlomo kumasipala i-King Sabatha Dalindyebo liphendule i-UDM, lathi vele udaba seluyaphenywa. Kodwa uKnock uyichithile le mpendulo, wathi umkhandlu uzokwaziswa uma kunophenyo oluqhubekayo.

UNelani utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akakwazi ukuphendula ngoba usemhlanganweni.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakawuphenduli umyalezo athunyelwe wona ngo-WhatsApp ngemuva kokuthintwa ngocingo ukuze aveze uhlangothi lwakhe.

Esithombeni ngenhla: Imeya yaseMthatha uNyaniso Nelani kanye nekhansela le-UDM uRaymond Knock. 

Umthombo: Uthunyelwe

Izihloko zakamuva