Ingcindezi isiholele ekutheni isule esikhundleni iMeya yaseGoli uKabelo Gwamanda.
Esitatimendeni asikhiphe ngoLwesibili ekuseni, uGwamanda ukuqinisekisile ukuthi usefake incwadi yokwesula kuSomlomo womkhandlu.
“Njengemeya encane yaseGoli ngizizwa ngijabulile ngethuba lokuthi ngihole leli dolobha nokulisimamisa ngokwezimali nakwezokuphatha, kulandela ukuwa kukahulumeni wobumbano wamaqembu amaningi,” kusho uGwamanda.
Uveze nokuthi uzoqhubeka nokusebenzela abantu baseGoli njengekhansela.
Ukwesula kuzoqala ngosuku olunqunywe nguSomlomo, ngemuva kwalokho kuzokhethwa imeya yesigungu esiphezulu kumkhandlu.
Imibiko yabezindaba ithi mumva nje izinhlangano zomphakathi bezilokhu zihlela ukumsusa ehhovisi lakhe uGwamanda, okungangoba zize zabamba imingcele yokukhononda, zikhala ngokungalethwa kwezidingo ukubambezeleka kokuthuthukiswa kwengqala-sizinda nokukhushulwa kwemali yezidingo zomphakathi, ikakhulukazi, lo R200 wokukhokhela ugesi osuqubule umsindo.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Osesithombeni esingenhla: UKabelo Gwamanda.
Umthombo: X