Imeya yase-Thulamela ibhekene nokuxhoshwa ngenxa yezinsolo ezibandakanya izigidi zamarandi

Elmon Tshikhudo

Ikusasa leMeya kaMasipala wase-Thulamela e-Limpopo selilengela eziko.

Ngesikhathi kuhleli umkhandlu oyisipesheli obubanjwe ngoLwesibili ntambama, iMeya u-Avhashoni Tshifhango neMenenja kaMasipala uHlengani Maluleke batshelwe ukuthi bashiye phansi izintambo. Lokhu kuza bephakathi kwezinsolo zokubandakanyeka kwabo kutshalo-mali lwezigidi ezingama-R30 olwenziwa ngumasipala nebhange i-VBS engasasebenzi manje.

UMnyango Wezezimali Kazwelonke wenze izincomo ezithile ngokutholwe yi-VBS futhi lo mbiko wakhushulelwa komasipala abathintekayo ngezinyathelo okufanele zithathwe.

Okutholwe nguMgcinimafa bekungukuthi imeya yathola imoto kanye nemali ngokwenza lula ukushintshisana kwemali.

UTshifhango noMaluleke bayizikhulu zokuqala e-Thulamela ukuba babhekane nalokhu yize umasipala ukwazile ukubuyisa imali yawo.

Lo masipala ungomunye womasipala abayi-14, okubalwa kubo abayisishiyagalombili e-Limpopo, abatshalile isamba esiyizigidigidi ezingu-R1.57 kuleli bhange.

Umasipala wase-Collins Chabane usuvele uxoshe iMeya uJoyce Bila neMenenja kaMasipala uTsakani Ngobeni ngezindima zabo ekutshaleni imali eyizigidi ezingama-R120 neVBS.

Abanye abantu bayasingabaza lesi sinqumo esithathiwe njengoba ukhetho lohulumeni basekhaya luselelwe izinyanga ezimbalwa ukuthi lwenziwe.

Ikhansela le-DA e-Thulamela, uThelma Marole lithe balukhuluma lolu daba ngesikhathi kunomhlangano womkhandlu ngowezi-2017.

“Kukhona okushaya amanzi lapha,” esho.

“Sisola ukuthi kube nokuhilizisana phakathi kwamalungu eqembu elilodwa.”

Uthe baphikelela ngowezi-2017 ukuthi inhlangano ingcolile futhi abakashintshi umbono wabo.

“Sikholelwa ekutheni izikhulu eziningi zahlomula ngotshalomali lwe-VBS,” esho.

Okhulumela i-ANC esifundeni i-Vhembe uTshifhiwa Dali, ukuqinisekisile ukuthi iMeya izoqondiswa izigwegwe ngokuya kwemibiko evela kuMgcinimafa.

IMeya uTshifhango uthe ubengazi ukuthi akaseyona iMeya njengoba ebengeyona ingxenye yomhlangano womkhandlu othathe lesi sinqumo.

Okhulumela umasipala wase-Thulamela uNdwamato Tshiila, uthe imeya ibekwe icala lokwephula imithetho yokuziphatha kwamakhansela ngenkathi iMenenja kaMasipala uHlengani inikezwa izinsuku eziyisikhombisa ukuthi inikeze izizathu zokuthi kungani kungamele imiswe.

Izihloko zakamuva