IMeya yase-Newcastle iphinde yaqokelwa esikhundleni sokuba ngusihlalo wesifunda

Celani Sikhakhane

Imeya yase-Newcastle esifundazweni saKwaZulu-Natali izohola iqembu le-ANC ekhaya layo kuze kube inkantolo ithatha isinqumo ngamacala obugebengu abhekene nawo.

Lokhu kuza ngemuva kokuba udokotela uNtuthuko Mahlaba ephinde wakhethwa ngaphandle kokuphikiswa njengosihlalo wesifunda se-ANC eMalahleni ngeSonto eledlule ngesikhathi esangaphansi komthetho weqembu ohoxisa ezikhundleni amalungu abhekene namacala. 

UMahlaba ungumholi wokuqala weqembu le-ANC obuyiselwa esikhundleni engaphansi kwalaba  abakhishelwa eceleni ngenxa yamacala ababhekene nawo.

Ubekwe izinsolo zokucekela phansi impahla nezokulimaza ngenhloso ngemuva kokuba ahlasele usonkontileka oqhamuka kamasipala ngesikhathi emtshela ukuthi angaqhubeki nokufaka i-cable Fibre.

Uke waboshwa ngonyaka wezi-2019 ngokubulala umholi weqembu le-ANC Youth League (ANCYL) ngowezi-2016 uWandile Ngubeni. Ngemuva kwesikhathi izinsolo zasuswa ngenxa yokushona kowayezofakaza.

Ngemuva kokuba ahoxiswe esikhundleni uMahlaba, iqembu lamsusa ngisho kuhlu lwe-IEC ngomzuzu wokugcina.

Okhulumela iqembu le-ANC KwaZulu-Natali uNhlakanipho Ntombela uthe umthetho wokuhoxiswa ezikhundleni kwamalungu anamacala kusaqhubeka. 

“Yebo uphinde wakhethwa njengoba engaphansi komthetho wokuhoxiswa esikhundleni. Umthetho awukakashintshi. Okusho ukuthi akavumelekile ukuzibandakanya nokwenza imisebenzi yeqembu lapho kubalwa umsebenzi wakhe njengosihlalo wesifunda” kusho uNtombela.

Uthe ukusebenza komthetho wokuhoxiswa esikhundleni kukaMahlaba kuzokwenzeka uma ngabe inkantolo isikhiphe isinqumo savuna yena kulamacala abhekene nawo.

Abaseka uMahlaba bagxeka iqembu le-ANC ukuba basebenzisa icala lakhe ukulwa izimpi zabo zepolitiki.

Imeya yaseThekwini uMxolisi Kaunda kusolwa ukuthi ufuna isikhundla sokuba ngusihlalo wesifunda weqembu le-ANC.

Izihloko zakamuva