Celani Sikhakhane
Imeya esanda kuqokwa kumasipala waseMhlathuze imangaze unkosikazi wayo ngezimoto eziwuhlobo oluphambili ama-SUV ayo asemthethweni. Uvele wamangala futhi wamtshela ukuthi lokhu akwenzile kukhombisa uthando.
Kodwa akuwona wonke umuntu ohlabeke umxhwele ngendlela imeya ye-IFP uNkonzoyakhe Donda ekhombise ngayo esidlangalaleni uthando lwayo kumkakhe. Wenze idolobha lase-Richards Bay lama nse abantu bebuka ama-siren nezimoto ezishaya amahuthi nohide lwezimoto eziwuhlobo lwe-BMW X5 kanye nezimoto zamaphoyisa.
UDonda, owayenguthishomkhulu wamabanga aphansi, uvakashele unkosikazi wakhe ongu-matron emtholampilo iPhaphamani eMpangeni.
Konke kuvele kwama esibhedlela abasebenzi, abahlengikazi, abahlanza isibhedlela kanye nonogada begijima bememeza begxuma behalalisela uzakwabo. Unkosikazi uDonda waqonda emotweni ehamba umnyeni wakhe wafike wamanga.
UDonda uqokwe ngemuva kwezingxabano eziningi eziholele ekutheni kugcinwe kuliwa ngesibhakela phakathi kwamakhansela e-ANC ne-EFF. Uthe ufuna ukusebenza kanzima ukuletha izidingo kubantu baseMhlathuze.
Yize abantu abaningi bebecabanga ukuthi lesi senzo sikhombisa uthando, kodwa abanye abantu abaningi kade bethukuthele ku-Twitter abanye baze bathi akasule esikhundleni, bemsola ngokusebenzisa izimoto zikamasipala ezindabeni zakhe.
UMnumzane uCharles ku-Twitter ubuze umbuzo obaluleke kakhulu. “Usebakhohliwe yini abamuvotele?” kubuza uCharles.
UMaster Yak uthe abantu bakhathele ukuhlezi bekhohliswa. “I-IFP kumele iyeke ukuziphatha kanje, kungenjalo ukubusa kwabo kungase kusheshe kuphele maduze,” kusho uYak.
UMike Barendse ubuze ngokusebenzisa izimoto zikamasipala ukuvakashela unkosikazi wakhe.
“Kungani bekukhanyiswe amalambu aluhlaza? Akasiyena u-dictator,” kusho uMike.
Abanye baphumile bezoseka uDonda. UThahla kaNdayeni, obesekhohliwe ukuthi imeya isebenzise izimoto zikamasipala ezenzela yena, uthe: “Ndodana yase-Afrika kubaluleke kakhulu ukwesekwa ngunkosikazi wakho.
UMzilikazi uthe: Akazange aye ezweni lase-Cuba ukuyobungaza nabantu besifazane abanqunu, ngoba indoda yomndeni lena.
UDonda ubenguSomlomo wesifunda sasoThungulu kusukela ngonyaka wezi-2006 kuya kunyaka wezi-2011.
Ngesikhathi lesi sifunda sithathwa yi-ANC nemeya yangaleso sikhathi uThembeka Mchunu.
Lesi sifunda saqanjwa ngeSilo samaZulu iNkosi uCetshwayo.