IMeya ixwayisa izakhamizi ngamaphoyisa agangayo

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

IMeya yase-Tshwane uCilliers Brink ixwayise izakhamuzi ngokuqaphela amaphoyisa angalungile.

Lokhu ukusho ngemuva kokubanjwa kwamaphoyisa amabili abhadanywe esebenza endaweni okungamele asebenze kuyo ngempelasonto.

La maphoyisa angaphansi koMnyango wamaphoyisa kaMasipala wase-Tshwane (TMPD) abanjwe esebenza e-Diepsloot okuyindawo ekude kakhulu nendawo abejutshwe kuyo.

La maphoyisa abengahambi ngemoto yomsebenzi, kodwa abegqoke imifaniswano yawo kanti abanjwe amaphoyisa kaMasipala waseGoli ngesikhathi emisa abashayeli bezimoto ngeSonto. Kusolakala ukuthi abelele phezu komqondo wokwenza ukukhohlakala.

UBrink uthe la maphoyisa abengenayo imvume yokusebenza la abesebenzela khona.

“Uma sibheka izinsolo zakamuva ezibhekiswe kwamanye amalungu e-TMPD, izenzo zala maphoyisa amabili ziyaxaka futhi zishiya nemibuzo.”

UBrink unxuse izakhamuzi ukuthi zicele amaphoyisa kaMasipala wase-Tshwane izitifiketi zabo (Okuyikhadi elikhombisa ukuthi bangamaphoyisa) futhi ziphinde ziqaphele izinto ezibalulekile uma behlangana nezikhulu ze-TMPD. Lokhu kuhlanganisa amavidiyo nezithombe zezikhulu, izitifiketi zabo zokuqokwa kanye nezimoto abahamba ngazo.

Ugqugquzele izakhamuzi nabanye abomthetho ukuthi baqaphele izenzo eziphambene nomthetho ezingase zenziwe ngamaphoyisa akwaMasipala.

Isigameko sangeSonto asisodwa. Sekuqubuke izikhalazo ngamaphoyisa akuMasipala wase-Tshwane athinteka kwinkohlakalo.

Uphiko lwe-TMPD Integrity Unit luphenya amaphoyisa ayisikhombisa ngokusebenzisa imishini engekho emthethweni yokuhlola utshwala egazini ezigamekweni ezimbili ezehlukene ngempelasonto ende.

Kwesinye isigameko amalungu amabili e-TMPD atholwe esebenzisa umshini ohlola utshwala egazini ongekho emthethweni kwelinye ilungu lomphakathi emgaqeni u-N1 South ngase-Lynnwood Road. Nalolu daba lusaphenywa.

Esitatimendeni iMeya ithe amaphoyisa amahlanu nawo atholwe esebenzela ngaphandle kwendawo abeyalelwe kuyo, kanti kutholakale ilungu lomphakathi elikhala ngokuthi liqoliwe lagebengwa futhi kungenzeka ukuthi leli cala lenziwe abantu ababodwa.

“Sekuqalwe uphenyo lobugebengu ngokubambisana nabe-TMPD.”

Izihloko zakamuva