IMeya ixosha izakhamizi emzini wayo

Lungani Zungu

Ngesikhathi esayikhansela lesigceme uMnu Mxolisi Kaunda ubesebenzisa umuzi wakhe oseNanda KwaZulu-Natal njengehhovisi ukusiza abahlali.

Kodwa njengoba eseyimeya kamasipala weTheku uKaunda usetshele izakhamizi ukuthi azamukelekile emzini wakhe.

“Umuzi wami awulona ihhovisi, indawo yami yangasese lena futhi angifuni ukuthi abantu beze lapha uma benezinkinga zokulethwa kwezidingo,” esho.

UKaunda ubekhuluma emhlanganweni nezakhamizi zaku ward-23 e-Reservoir Hills ngeSonto.

Ubize lo mhlangano ngemuva kokuthi kuqubuke umibhikisho wokulethwa kwezidingo endaweni ngenxa yokushoda kwezinsiza okubalwa amanzi nezindlu.

“NgiyiMeya manje abantu abakwazi ukungena ngendlela abathanda ngayo emzini wami kumele baye ekhanseleni lesigceme elikhona,” esho.

“Uma ufuna ukukhuluma nami kumele uye ehholo likamasipala uzongithola khona. Umuzi wami owezingane zami.”

Isakhamuzi ebesithukuthele sigane unwabu uMusa Ngcobo utshele i-Scroll.Africa ukuthi umphakathi unamasonto angaphezu kwamabili ungenawo amanzi futhi izakhamizi zibona sengathi ayikho enye indlela ngaphandle kokulanda uKaunda emzini wakhe.

“Imeya nethimba layo abakaze babathathele phezulu. Siyazama ukukhuluma nabo kodwa abasilaleli. Namuhla usitshela ukuthi kumele siye ehholo likamasipala kodwa uma siya akekho lapho. Yingakho sinqume ukuthi siye emzini wakhe,” kusho uNgcobo.

Umhlali uThami Mseleku uvumile wathi “Laba bantu bakhetha ukungazinaki izikhalo zethu ngamabomu namuhla ufika lapha uzositshela ukuthi singayi emzini wakhe. Uma singabatholi emahhovisi abo sizoya emizini yabo.”

Izihloko zakamuva