IMeya isule esikhundleni ibalekela izembe

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Kusukela ngoMsombuluko ekuseni i-Tshwane ayisenayo imeya noma amalungu ekomiti leMeya kuze kube kumenyezelwa imeya entsha.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi iMeya yase-Tshwane uRandall Williams esule esikhundleni ngaphambi kokuthi kwethulwe isiphakamiso sokungamethembi.

Bekulindeleke ukuthi uWilliams we-DA ahlulwe kulesi siphakamiso ngoba ikhokhasi yakhe ibingasamethembi.

Ivoti lokungathenjwa belizobanjwa ngevoti eliyimfihlo.

Sekunesikhathi eside abambisene ne-DA e-Tshwane ngisho noMnu Julius Malema we-EFF bethi uWilliams akehle esikhundleni.

Esitatimendeni sangoMsombuluko ekuseni imeya yesule esikhundleni yathi ifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi kunozinzo kumfelandawonye wamaqembu amaningi e-Tshwane.

Esitatimendeni sabezindaba uWilliams uthe ukusebenza esikhundleni sobumeya kube ngenye yezinto ezinkulu empilweni yakhe.

“Enye yezinhloso zami ezibalulekile njengeMeya ephethe bekuwukuqinisekisa uzinzo kumfelandawonye wamaqembu amaningi e-Tshwane ngaphandle kokuthi ukulethwa kwezidingo kuphazamiseke,” esho.

UWilliams uthe akafuni ukuntengantenga kwezombusazwe okwenzeke eGoli nase-Ekurhuleni kudlulele e-Tshwane.

“Ngiyesula esikhundleni ngoba ngikholwa ukuthi kuzosiza kakhulu ukutheni uzinzo luqhubeke kumfelandawonye,” esho.

“Ngizamukele zonke izinselelo engibhekane nazo ngesikhathi ngenza umsebenzi wami, kanti konke lokho kungivumele ukuthi ngizithuthukise.

Uthe ukwesula kwakhe akubanga ngenxa yokudinwa, ukucasuka noma intukuthelo kodwa  kunokuthula.

Esithombeni esingenhla: URandall Williams we-DA 

Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla

Izihloko zakamuva