Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
IMeya exoshiwe kuMasipala waseMajuba e-Newcastle uVuselwa Bam isolwa ngokuhlukumeza abaphathi eyababophela ogodweni yathi abantshontshe uR2 million womkhandlu ukuze yakhe umuzi wayo. UBam ubephethwe umasipala olawulwa yi-IFP ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngoLwezi nyakenye.
Abaphathi abaningana abakhulume ne-Scrolla.Africa abacele ukuthi amagama abo angadalulwa baveze ukuthi uBam usebenzise isikhundla sakhe ukuhlukumeza abaphathi abaphezulu ukusayina izimali zikamasipala.
Omunye wabaphathi osebenze izinyanga ezimbalwa kulo masipala utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kuye kwafaneleka ukuthi esule esikhundleni ahlale izinyanga eziyisithupha ekhaya ngenxa yokuhlukunyezwa abebhekene nakho ezandleni zikaBam.
“Ngaqala ukusebenza eMajuba nyakenye lapho usolwazi uBam wangitshela ukuthi kumele ngithole u-R2 million kwisabelomali sokuthuthukisa amanzi. Wathi ufuna ukuzakhela umuzi.
“Ngiye ngamtshela ukuthi akulula kangako ngoba umcwaningi-mabhuku nophiko loKlebe bazoza kimi bezofuna izimpendulo ngaleyo mali abeyifuna. Ubengafuni kuzwa lutho,” esho.
I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi izikhulu eziphezulu ezimiswe ngenxa kaBam ziphuma ophikweni lweNgqalasizinda nezobunjiniyela kanye nakwi-Supply Chain Management and Planning.
Omunye umphathi omkhulu osesebenzela omunye umasipala kodwa ocele ukuthi igama lakhe lingadalulwa uthe amadodana kaBam amabili nawo ebelawula izikhulu.
Uthe bafaka ingcindezi kuyena bafuna ukuthi banikezwe amathenda athile.
UBam namadodana akhe abatholakalanga ukuze baphawule.
Umakhalekhukhwini wakhe ubuvaliwe futhi akayiphendulanga imiyalezo eminingi athunyelelwe yona.
Okhulumela uMasipala wesiFunda Amajuba uMnu Sbonelo Cebekhulu, uthe bayitholile imibuzo evela kwa-Scrolla.Africa kodwa abakwazanga ukuyiphendula ngoba bebematasa namalungiselelo ama-Mayoral Games.
Okhulumela i-IFP uMkhuleko Hlengwa, uthe uBam uxoshiwe ngemuva kwezingxoxo eziningi.
“Isinqumo sidluliselwe kuBam ngesikhathi ehlangene neKomiti eliPhezulu likaZwelonke ngoMsombuluko ngomhlaka-28 kuLwezi ngeledlule,” kusho uHlengwa.
Esithombeni esingenhla: Imeya yaseMajuba exoshiwe uVuselwa Bam
Umthombo wesithombe: Amajuba district Facebook